IQEMBU elimele iNingizimu Afrika liyiqale ngezinkinga imidlalo yeWorld Athletics Championships ebanjelwe e-Oregon, e-United States of America (USA), njengoba kunabasubathi okuthathe isikhathi eside ukuthi bathole amaphepha abagunyaza ukuthi bangene khona.
Abasubathi uGift Leotlela noClarence Munyai bangabanye abathwale kanzima bezama ukuthola amaphepha abo, bagcina befike ngosuku lwemijaho yabo.
ULeotlela uphume endaweni yesithupha emzuliswaneni wokuqala ku-100m eqeda ngo-10.19.
Kwenzeke okufanayo nakuMunyai ophume endaweni yesikhombisa ngemizuzwana engu-10.47, baphuma zibekwa ngempelasonto.
U-Akani Simbine ongomunye obekunethemba lokutholela elakuleli indondo, ungenile kowamanqamu enqoba umjaho owandulela owamanqamu ngo-9.97. Nokho kubhimbile kowamanqamu ephuma endaweni yesinhlanu.
Indondo yegolide ithathwe nguFred Kerley wase-USA, ngemizuzwana engu-9.86, walandelwa abakhaya bakhe, uMarcion Bracy noTrayvon Bromell, abeqe umugqa ngemuva kwemizuzwana engu-9.88.
Izinto azihambanga kahle nakwiLong Jump kwabesilisa njengoba uRuswahl Samaai noJovan van Vuuren behlulekile ukufinyelela kowamanqamu.
Elakuleli alizange libe yingxenye ye-4x400m ehlanganise abesilisa nabesifazane njengoba abanye abasubathi behlulekile ukufika ngesikhathi.
Kubhimbile nasemjahweni ka-110m wabesilisa kuma-hurdles, u-Antonio Alkana eqeda endaweni yesihlanu ngo-13.64, wahluleka ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.
Kowamanqamu ka-10 000m kwabesifazane, u-Dominique Scott-Efurd uphume endaweni ka-17 ngo-31:40.73. Indondo yegolide iwinwe nguLetesenbet Giudey wase-Ethiopia, ngo-30:09.94.
Abanye abahlulekile ukudlula emzuliswaneni wokuqala wokuhlunga, uCarina Horn ophume endaweni yesine ngemizuzwana engu-11.29 emjahweni ka-100m wabesifazane noMafori Mphahlele, ongene endaweni ka-12 ngo-3:39.17 emjahweni wabesilisa ka-1500m.
Izolo ebusuku, kuyiwe koshicilela uWayde van Niekerk, owanqoba isicoco somhlaba ngo-2017, eLondon, esazogijima kweyokuhlunga ku-400m. Omunye osazogijima okubhekwe enze kangcono uLuxolo Adams, osanda kunqoba umjaho ka-200m kwiDiamond League eParis ngenyanga edlule.
Elakuleli kubhekwe ukuthi lenze kangcono kule midlalo kunango-2019, eDoha, eQatar, lapho labuya lingatholanga neyokubika indondo.