AYAMFIMFA amathuba okuthi iqembu laseNingizimu Afrika liqede kwi-Top 6 kumaCommonwealth Games abanjelwe eBirmingham, e-England njengoba lihlulekile wukuthola indondo yegolide ngoMgqibelo.
Iqembu lakuleli lengeze izindondo ezintathu zethusi neyodwa yesiliva ukuze lihlanganise izindondo ezingu-26. Ngokwezibalo ziyisikhombisa ezegolide, ezesiliva eziyisishiyagalombili nezethusi ezingu-11.
Njengamanje iNingizimu Afrika isendaweni yesishiyagalombili ngokukleliswa ngokwezindondo.
Ngesikhathi le midlalo iseGold Coast, e-Australia, ngo-2018 iNingizimu Afrika yabuya nezindondo ezingu-37, ezegolide ezingu-18, ezesiliva ezingu-11 nezingu-13 zethusi.
I-Australia isahamba phambili ngezindondo ezingu-155, ilandelwe yi-England ephethe ezingu-148 kanye neCanada ngezingu-84.
NgoMgqibelo abashayisibhakela uSimnikiwe Bongco noPhilokuhle Mnguni bathole izindondo zethusi. UBongco udliwe nguCallum Peter wase-Australia kowandulela owamanqamu kwi-middleweight yabesilisa, kwathi uMnguni washaywa nguMichaela Walsh waseNorthern Ireland kwi-featherweight yabesifazane.
UZeney van der Walt uphume isithathu kwi-400m hurdles yabesifazane yize eshaye isikhathi esiphambili kunazo zonke ake azishaya njengoba eqede ngemizuzwana engu-54.47.
Isiliva liqhamuke kuSteyn de Lange ohlulwe nguNishan Randhawa waseCanada ngo 9-3 kowamanqamu we-wrestling yabesilisa ku-97kg.
Iqembu lakuleli kufanele lidlule iScotland neNigeria ukuze lingene kwi-Top 6 kodwa kuzoba nzima njengoba womabili la mazwe ezobamba iqhaza kweyamanqamu emidlalweni ehlukene ngeSonto.