SITHEMBISO MKHIZE
INHLANGANO eyengamele isibhakela sama-amesha iKZN Olympic Style Boxing Organisation isizijube ukusiza ngezidingo zesikole amabhokisa adonsa kanzima ngenxa yokudlanga kweCoronavirus eshiye kukhalwa emindenini, kuphela amatoho.
USandile Sibisi ongumengameli weKZN Olympic Style Boxing Organisation, utshele Isolezwe ukuthi bazothengela amabhokisa abo umfaniswano wesikole nezinye izidingo.
Uthe lokhu bazokwenza kuzona zonke izifunda. Esifundeni ngasinye bazoxhasa amabhokisa amane.
Uqhube wathi bathole ukuthi amabhokisa amaningi abo adonsa kanzima emakhaya. Ukuhlasela kweCoronavirus kudale ukuthi abazali bathwale kanzima.
"Besingeke sihlale phansi sibuke amabhokisa ethu edonsa kanzima. Kasixhaswanga muntu kodwa sicwiye esikhwameni sethu. Siyazi ukuthi lokhu esikwenzayo kakwanele, ukube kuya ngathi besizowaxhasa wonke amabhokisa ethu. Akusenani, sesithokoziswa ukuthi lokhu okuncane esikukhiphayo kuzowenza umehluko emindenini yala mabhokisa," kubeka uSibisi.
Lesi sikhulu sithe bagqugquzelwe uMnyango wezemiDlalo nokuNgcebeleka KwaZulu-Natal. Sidalule ukuthi banamabhokisa amane afunda ngomfundaze walo mnyango oholwa uHlengiwe Mavimbela.
Laba bashayisibhakela, umakadebona uNomusa Ngema ofunda eTrifocus Fitness Academy, Nkosinathi Sibiya (University of Zululand), Sakhile Hlatshwayo (Talane High School) noPhiwokuhle Mnguni (Dundee High School) .
"Sibonga siyanconcoza eMnyangweni wezemiDlalo nokuNgcebeleka ngokwenza isiqiniseko sokuthi amabhokisa kawagcini nje ngokudlala kodwa nasesikoleni kawasaleli emuva. Kasithembe ukuthi lokhu uzoqhubeka nokukwenza. Sibonga nangokuhlale usixhasa uma senza imiqhudelwano yezimpi.”
USibisi uveze nokuthi babambe umoya ngokugadla kweCoronavirus. Uthe bahlela ukwenza iKwaZulu-Natal Elite Boxing Championship, ngoMashi 27, esifundeni UThukela.
Kulo mqhudelwano kuzokhethwa iqembu elizomela lesi sifundazwe kokazwelonke ozoba esontweni lokuqala kuJulayi.
Nakuba kungacaci ukuthi azoba khona yini ama-Olympic Games kulo nyaka, uSibisi uthe ngezimpi zasoThukela bazobe belungiselela wona.
Uma konke kuhamba ngononina iqembu lakuleli, ngoMeyi lizolibhekisa eFrance, emqhudelwaneni wokuhlungela ama-Olympic.
NgoDisemba inhlangano eyengamele isibhakela sama-amesha kuleli, iSanabo, beyisingethe umqhudelwano kazwelonke, eDundee, kuhlungwa kuwo abazoyimela eFrance. Kukhethwe amabhokisa amahlanu esifazane nayisibalo esifanayo abesilisa
USiyabulela Mkhwalo obambe izintambo zobumengameli kwiSanabo, usanda kutshela leli phephandaba ukuthi bazoqhubeka nezinhlelo zama-Olympic ngoba kabafuni ukutatazela uma kwenzeka sehla lesi sifo.
Uveze ukuthi maduze bazoqeda konke neSniper Boxing Academy ephethwe yizelamani zakwaSmith, okungoSean, Peter noGeorge. Bafuna ukuthi amabhokisa ababo azicije kule jimi uma eselungiselela ukuya eFrance ngenxa yengqalasizinda yayo esezingeni eliphezulu.