SIBUSISO MDLALOSE
USIPHESIHLE Phakathi waseMkhambathini, ungomunye wabagwedli abasebancane abasafufusayo bakule ndawo, abathi ncinci kamjoli ngokuthola uxhaso lwezikebhe kuMsinsi Resorts and Game Reserves enikele ngezinsiza zokudlala esikhungweni sabo ngempelasonto.
Ungomunye wabagwedli abangu-16 abangaphansi kwesikhungo iThulani Mbanjwa Sport Academy, esiseMkhambathini, abahlomule ngezinsiza okubalwa kuzo izikebhe ezihamba namaphini okugwedla namajakhethi okubhukuda, kwenani likaR150 000. Konke kuvela kuMsinsi Resorts and Game Reserves oqome ukuba ngabaxhasi balesi sikhungo esisungulwe yinsephe yomgwedli, uThulani Mbanjwa.
"Ngizizwa ngijabule kakhulu ngalolu xhaso lwezikebhe esilutholile ngoba bezisishodela kakhulu kodwa manje sekuzoba ngcono ngoba sesizoba nezikebhe ezithe xaxa.
Manje sesizogwedla kalula siveze amakhono ethu, sithuthuke kulo mdlalo. Nathi size sifike ezingeni lamaqhawe ethu oThulani Mbanjwa esibukela kuwo kulo mdlalo wethu wokugwedla," kusho uSphesihle ona-13 weminyaka, owenza u-grade 8 eMasijabule High, KwaSwayimane.
UMbanjwa, ongumsunguli walesi sikhungo asiqala ngo-2018, uthi lolu xhaso abalutholile lusho lukhulu kubona balesi sikhungo.
"Lolu xhaso luzokwenza umehluko omkhulu esikhungweni sethu. Lokhu kusho lukhulu kithina kwazise izinsizakudlala zalo mdlalo ziyabiza kakhulu. Iningi labazali balezi zingane ngeke likhone ukuzithenga. Manje abadlali bami sebezokwazi ukungenela imijaho yokugwedla ngenxa yalezi zinsiza. Nakuba zingakaneli kahle ngenxa yesibalo sezingane esinazo kodwa siyethemba ukuthi uMsinsi uzophinde welule isandla ngomuso njengabaxhasi bethu," kusho uMbanjwa owaqopha umlando ngokuba wumgwedli wokuqala omnyama ukunqoba iDusi Canoe Marathon ngo-2008.
UMboneni Dlamini, onguMqondisi kuMsinsi Resorts, uthe: "Sibone kufanele ukuthi sixhase lesi sikhungo njengendlela yokubuyisela kwethu emphakathini esisebenza phakathi kwawo. Siyazi ukuthi ngalolu xhaso lwalolu hlobo kuzovumbululeka ithalente lezingane zakule ndawo. Impumelelo kaThulani Mbanjwa emdlalweni wokugwedla isikhombisile ukuthi umuntu angakwazi ukuphumelela ngezemidlalo, kungakhathaleki ukuthi ungowasendaweni enjani," kusho uDlamini.