SITHEMBISO MKHIZE
UCELA uxhaso Umlazi Sharks Aquatic Club odonsa kanzima emalini phezu kokuba ugila izimanga ekukhiqizeni ababhukudi bezinga eliphezulu.
UNtokozo Cele ongomunye wabaqeqeshi bale kilabhu ezinze kwa-G, eMlaza, utshele Isolezwe ukuthi uma bengalutholi ngokushesha uxhaso ikilabhu yabo ilengela engozini yokuvalwa.
"Isimo sibi mfowethu, sidinga uxhaso ngokushesha. Siyazicelela kosomabhizinisi baseMlaza, eThekwini nabakulesi sifundazwe ukuthi basixhase. Ukungabi namali kwesinye isikhathi kusivimba ukuthi siye emiqhudelwaneni. Sidinga imoto esizoyisebenzisa uma siya emiqhudelwaneni kanti abanye bashoda ngezimpahla zokubhukuda.
“Lokhu kwehlisa umdlandla ezinganeni. Okunye okuthele usawoti esilondeni ukuvalwa kwe-swimming pool ngenxa yeCovid-19. Ivalwa nje, vele bese ingasekho esimeni esihle. Ngo-Okthoba ngonyaka odlule uMasipala weTheku wathembisa ukuyivula ngoNovemba. Lokhu akukaze kwenzeke. Usuphinde wasithembisa futhi. Sibonga kakhulu kwiGlenwood High School nakwiPenzance Primary School ngokusivumela ukusebenzisa ama-swimming pool abo ngezimpelasonto. Ukungabi ne-swimming pool kusibuyisela emuva," kubeka uCele.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi abanye ababhukudi babo sebehlabane ngemifundaze eGlenwood High School ngenxa yokwenza ezibukwayo emanzini.
Laba uMthobisi Dlamini (16), Monde Ngcobo (16), Mhlengi Khuboni (14), Bongumusa Zungu (14) no-Asande Mkhwanazi (14). UCele uthe kukhona nabafunda ePenzance Primary School, abaxhaswa yilesi sikole ngezinto ezithile.
"Ngaphandle kwale mifundaze, Umlazi Sharks Aquatic Club ulime enkulu indima ekusizeni ebebengababhukudi bawo ukuthola imisebenzi. Abanye sebengamasosha asemanzini (Navy), abanye bagada ababhukudi olwandle kanti kukhona nabangama-Commercial Divers. Bathole le misebenzi ngenxa yokufundiswa ukubhukuda Umlazi Sharks Aquatic Club.“
UCele uqhube wathi bazishaya isifuba ngokuthi kuma-Swimming South Africa Awards ango-2014, bahlabana ngendondo yeDevelopment Swimming Club of the Year. Ngo-2015 kumaKZN Sports Awards banqoba eyeBest Small Club. Uveze ukuthi inhloso yabo ukuthi kuma-Olympic Games ango-2028, babe nombhukudi ozomela elakuleli kulo mqhudelwano.
"Leli phupho lacishe lafezeka ngo-2016. USiphephelo Ntaka wahluleka emqhudelwaneni wokugcina wokuhlungela ukuya kuma-Olympic ayeseBrazil. Sesiwaqalile amalungiselelo okuthi sibe nombhukudi ozosimela kuma-Olympic ango-2028. Kukhona abaqeqeshi bezinga eliphezulu asebeqalile ukusilekelela. Okubuhlungu ukuthi leli phupho lingase lishabalale uma siqhubeka nokungabatholi abaxhasi,“ kusho uCele.
Uthe le kilabhu yasungulwa ngo-2002. Umqondo wokuvulwa kwayo waqhamuka noKhulani Mabaso no-Alex Zikhali owayeyi-safe guard owayefundisa intsha ukubhukuda kuleli lokishi.