INHLANGANO eyengamele ibhola lomnqakiswano kuleli, iNetball South Africa, iqinisekise uhlu lwabadlali abangu-24 abanikezwe izinkontileka. Laba badlali yibona okubhekwe ukuthi babe wumgogodla weqembu lesizwe, amaProteas.
Yize eminye imidlalo efana nebhola lombhoxo nekhilikithi kade yaqala ukwenza lokhu, kungokokuqala ukuthi iNetball SA yenze lokhu.
Kulaba badlali abangu-24, abayisikhombisa badlala phesheya kanti abanye bazinze kuleli futhi babambe iqhaza kwiTelkom Netball League eqhubekayo.
Izinkontileka zabadlali ziqale ngo-Ephreli 1 nonyaka futhi zincike ekutheni abadlali benza kahle kangakanani.
Bonke abaqokiwe basohlelweni lokuzilolonga olukhethekile oluhlanganiswe yithimba labaqeqeshi futhi kumele babe yingxenye yamakhempu okuziqeqesha nezinye inhlelo ezibekelwe iqembu.
“Eminyakeni emithathu edlule ngikhulume ngesidingo nokubaluleka sokuguqula umdlalo we-netball ube sezingeni elikhokhelayo. Lolu hlelo nalo mzuzu ukhombisa ukuthi siyasondela ekufezeni lelo phupho,” kusho umengameli weNetball SA, uCecilia Molokwane.
"IRoma ayakhiwanga ngosuku olulodwa futhi nathi ngeke sithole impumelelo ngobusuku obubodwa, umsebenzi oqhubekayo lona. Ngiyajabula ukuthi sesilapha nokuthi sesiqalile ngabadlali abangu-24 okwamanje.
“Umnyango awuvaliwe kwabanye abadlali. Sizoqhubeka nokubheka abanye okufanele banikwe izinkontileka, kubalulekile ukuthi sinikeze wonke umuntu ithuba elanele lokuba yingxenye yeqembu.
“Ukwenza lokhu kuzodinga ukuthi sibanike ithuba elilinganayo bonke abadlali. Lokho sizokwenza ngokuqinisekisa ukuthi bonke bathola izinsiza ezifanele, ingqalasizinda nokuqeqeshwa okufanele."
AmaProteas kumele adlale imidlalo yokuzilolonga ne-England eKapa kule nyanga ngaphambi kokuthi alibhekise e-England ukuyophothula amalungiselelo emidlalo yamaCommonwealth Games ezoba seBirmingham ngasekupheleni kukaJulayi.
Umqeqeshi uDorette Badenhorst, uthe: “Ngijabule ngabadlali abaqokiwe futhi ngibheke ngabomvu ukuqhubeka nokubathuthukisa ngamunye ukuze sande isibalo sabadlali beqembu lesizwe. Ngizimisele ngokubanika bonke ithuba lokudlala ezingeni eliphezulu uma sebekulungele lokho.”
Uhlu lwabadlali abathole izinkontileka zeNetball SA:
Bongiwe Msomi, Nomfundo Mngomezulu, Lungile Mthembu, Khanyisa Chawane, Tarle Mathe, Marlize de Bruin, Izette Griesel, Kamogelo Maseko, Tshina Mdau, Sesandile Ngubane, Refiloe Nketsa, Lenize Potgieter, Karla Pretorius, Lefébre Rademan, Monique Reyneke, Nicola Smith, Nicholé Taljaard, Elmeré van der Berg, Shadine van der Merwe, Jamie van Wyk, Ine-Marí Venter, Zanele Vimbela, Boitumelo Mahloko noPhumza Maweni.