NOKUBONGWA PHENYANE
BAFUNA ukuzwana amandla abesilisa bakuleli abanesifo sokungakhuli, impi yabo esingundaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana.
USimphiwe Mlambo odume ngelikaSbali noThabo “The Terrible bazozwana amandla empini yesibhakela ezokwaziwa ngokuthi iThe Battle of Abaphansi ezoba ngoJanuwari 31, nezobe ikhonjiswa ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neSolezwe, uSbali wasoSizweni, eNewcastle uthe abantu abaningi bacabanga ukuthi umdlalo, kodwa impi izobe ikhona ngempela.
“Hhayi ukuthi asizwani nomfowethu singamathe nolimi kodwa ke manje isikhathi sokuthi sizwane amandla sibone ukuthi ubani ongaqumba omunye ngequpha phansi. Ngiyabonga uthando abantu abalokhu belukhombisa ngale mpi njengoba abanye behlala bengitshela ukuthi bazohamba nami kuze kube sekugcineni. Ngiyathembisa ngeke ngibaphoxe njengoba ngilokhu ngiqhubekile nokuzilolonga kuyoze kufike usuku lokugcina,“ kusho uSbali.
Ube esenxusa abantu ukuthi baqhubeke nokuthenga amathikithi atholakala ngoR150 ku-website ethi www.howler.co.za.
“Ngale mpi sigqugquzela ukuthi abantu abafana nathi banakwe singathathwa sengathi asazi lutho. Uma izinto zihambe kahle ngale mpi singaqhubeka nayo senzela ukuthi imali etholakala ngayo ingxenye yayo siyithathe siyifake isikhwameni sabantu abanesimo esifana nesethu,“ kuchaza uSbali.
Isolezwe lizame kaningi ukuthola uThabo kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe lungemuke