IMEYA yesiFunda uMzinyathi, uPetros Ngubane noMntwana uZuzifa Buthelezi, baqinisekise ukuthi iPrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon izoqhubeka nokuphucula impilo yabantu bakuleli yize engasekho emhlabeni uMntwana uMangosuthu Buthelezi okuqanjwe ngaye lo mjaho.
Kuzoba ngokokuqala nonyaka ukuthi lo mjaho owasungulwa ngo-2019, ugijinywe engasekho emhlabeni uMntwana waKwaPhindangene. Esithangamini sabezindaba ebesingoMsombuluko, eThekwini, kuvele ukuthi uzobe wenyuka. NgoMeyi 5, uzosukela ePrincess Magogo Building Dundee, uphelele eNquthu Stadium.
Kuvele nokuthi nakulo nyaka abazoshaya intambo emjahweni omkhulu bazoklonyeliswa ngo-R100 000.
Isibili kuzoba u-R50 000 bese kuba u-R25 000 kwabazolala isithathu. Imiklomelo izoze ifike kophume endaweni yeshumi.
Kukhona nebanga lika-21km elikhokhela ukuyedlula yonke imijaho yaleli banga kuleli. Abazonqoba bazogoduka no-R50 000.
Kukhona no-10km okhokhela u-R5 000.
"Ngizizwa ngithobekile uku thi yimi okhulumela uMntwana waKwaPhindangene. Ukuba ubesadla anhlavana ngabe wuye omi lapha. Ubecophelela kakhulu ngezinto eziqanjwa ngegama lakhe. Nokho ngesikhathi iMeya uNgobese ifika nomqondo walo mjaho, uMntwana akazange anqikaze. Yingoba ubebona ukuthi izophucuka impilo yabantu bakuleli. Udlule emhlabeni ejabule ngenxa yokuthi lo mjaho sewuwusizo nangaphandle kwakuleli," kubeka uMntwana uZuzifa, oyindodana kaShenge odlule emhlabeni nyakenye.
Ngaphandle kokuthi ngalo mjaho kuhloswe ukuhlonipha leli qhawe, iMeya uNgubane ithe enye inhloso wukuthuthukisa ezomnotho komasipala abakhele isifunda saseMzinyathi, okuyiNquthu, Ndumeni, Msinga naseMvoti.
"Sisungula lo mjaho ngo-2019, sasingazi ukuthi uzoheha nabasubathi bomhlaba. UMike Fokoroni waseZimbabwe ongomunye wabagijimi abahlonishwa umhlaba wonke, ukubeke kwacaca ukuthi umsubathi oziqeqeshe ngePrince Mangosuthu usemathubeni okwenza kahle kwiComrades Marathon. Ingu-R750 000 imali esiyibekele lo mjaho. Okuhle nangalo mjaho ukuthi wenza namathuba omsebenzi. Sibonga siyanconcoza nakubaxhasi abenza isiqiniseko sokuthi uhlale uyimpulelo. Sicela nezinye izinkampani zisondele," kubeka iMeya uNgobese.
Nyakenye, kwabesilisa intambo yashaywa uNtsindiso Mphakathi (2:56.29), kwabesimame kwakhonya uShelmith Muriuki waseKenya (3:22.18).
Kwalika-21km, kwanqoba uJobo Khotoane (1:04.09) noNeheng Khathala (1:17.15).
Ku-10km kwawina uTebello Ramakongoane (29.22) noCacisile Sosibo (35.22).