KUBANJWE umoya ngokuthi ngabe uzoba khona yini umlenze kulo nyaka weHSBC World Sevens Series, eCape Town okumele ube ngoDisemba. Lokhu kungenxa yokuthi kulindwe isinqumo sabaphathi bombhoxo emhlabeni, abasazohlala phansi nohulumeni kucutshungulwe ngezokuphepha kwabantu.
Iziphathimandla zombhoxo emhlabeni zizomemezela isinqumo sazo mayelana nokuthi kuzodlalwa yini eCape Town, evamise ukuwadayisa wonke amathikithi ngosuku asuke eqale ngalo ukudayiswa. Lo omunye wemiqhudelwano yokuqala kwesizini entsha ngoba eyangalo nyaka inqanyulwe phakathi kwawiniswa iNew Zealand.
Imbangela yalokhu ukuthi amaSevens aseCape Town, aseyafana nemidlalo emikhulu eNingizimu Afrika njengeyamaBhokobhoko, Bafana Bafana, Proteas nomdlalo wabakhaya baseSoweto (oweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates).
Kungase kudale inkinga uma kungukuthi lo mqhudelwano uyadlalwa, njengoba amaqembu abesifazane nabesilisa engu-16 esewonke, bazohlangana kanjani bonke eCape Town, ekubeni kubukeka sengathi uDisemba uzofika izinto zisekude ukuthi zibuyele esimeni emhlabeni wonke.
Ngenxa yokuthi amazwe amaningi awakakhululeki ukudedela abantu ukuthi baphume kumbe bangene emingceleni yawo, kubukeka kuzokuba yinkinga ukuthi lo mqhudelwano uqhubeke. Sekungamincelwa ukuthi okungenani uhlehliselwe esinye isikhathi (mhlawumbe ngonyaka ozayo).
Le eminye yemibono kaJurie Roux oyisikhulu esiphezulu seSaru ayisho esithangamini nabezindaba ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili.
“Ngenxa yesimo esikhona angiboni kuzokwethusa abaningi ukuthi singase siphoqeleke ukuthi sihlehlise amaSevens kumbe kungabe kusadlalwa. Konke sizokuthola kubaphathi bethu maduze nje. Esikubona kwenzeke kweminye imiqhudelwano emhlabeni kumele sikulungele ukuthi nathi kuzosifica. Sizolinda sizwe ukuthi abaphathi bathini kodwa le eyemingcele ingase ibe inkinga. Nabaxhasi banendima abayidlalayo kulezi zinto. Isimo abakusona sizoba nomthelela. Sonke sokwazi ekupheleni kwenyanga,” kusho uRoux.