ABHEKE ukudlala eyama-quarterfinal ekhaya amaqembu akuleli amathathu, iCell C Sharks, DHL Stormers neVodacom Bulls, njengoba esonga eyamaqoqo kule mpelasonto kwi-United Rugby Championship.
ISharks yilona qembu elisahamba phambili kwawakuleli endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-56 emidlalweni engu-17, iStormers isendaweni yesine, nayo inamaphuzu angu-56, iBulls ilele endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-53.
Amaqembu azoqeda kwiTop 4 azoyidlalela ekhaya imidlalo yama-quarterfinal kanti womathathu la maqembu akuleli asesethubeni uma enqoba imidlalo yawo yokugcina.
ISharks izobhekana ne-Ulster, nayo elwela ukuqeda kwiTop 4, eKingspan Stadium ngoLwesihlanu ngo-8:35 ebusuku.
ULukhanyo Am wamaSharks ubuyile ngemuva kokuhlala isikhashana eJapan kanti uzoqala kwi-outside centre, evala isikhala sikaBen Tapuai.
Umqeqeshi, uSean Everitt, wenze ezinye izinguquko ezimbili eqenjini eligcine lidle iConnacht. URuben van Heerden noReniel Hugo bazoqala kwi-lock, bethatha izindawo zikaLe Roux Roets noGerbrandt Grobler.
“Njengamanje siqhwakele kwiSouth African Shield futhi sisendaweni yesithathu kwi-log ephelele ngakho-ke kuningi okusamele sikulwele,” kusho u-Everitt.
“Siyazi ukuthi kuyinselelo enkulu kangakanani ukuya eBelfast ukuyodlala eKingspan kodwa sikholwa wukuthi sinabadlali abanekhono kanye nethimba labaqeqeshi abazokwazi ukwenza lo msebenzi.
“Kungaba kuhle kakhulu kithi uma singakwazi ukubuyela ekhaya siyodlala phambi kwabalandeli bethu eHollywoodbets Kings Park kuma-quarterfinal siphinde nakowandulela owamanqamu uma kwenzeka.”
IBulls izobhekana ne-Ospreys eLiberty Stadium eSwansea ngo-9:10 ebusuku ngoLwesihlanu. Izobe ibheke ukunqoba bese ibheka neminye imiphumela ukuze ibalwe namaqembu amane azoqeda ephezulu kwi-log.
NgoMgqibelo iStormers izotholana phezulu neScarlets, nayo elwela ukuba yiqembu laseWales elihamba phambili. Umdlalo uzoqala ngo-6:10 ntambama eParc y Scarlets eLlanelli.
Umqeqeshi weStormers, uJohn Dobson, uthe: “Lona wumdlalo obalulekile kithina njengoba sibheke ukuthola ithuba lokudlala ekhaya kuma-quarterfinal, angingabazi ukuthi abadlali bayakuqonda lokhu.
“Sifuna ukuqeda imidlalo yamaqoqo ngegiya eliphezulu kodwa siyazi ukuthi kuzofanele sisebenze kakhulu ukuze sinqobe iqembu elizimisela kakhulu, iScarlets.”
I-Emirates Lions, elele endaweni ka-11, izobe idlalela isithunzi sayo emdlalweni wayo wokugcina wesizini uma isibhekene neDragons eRodney Parade ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.