XOLILE MPISANE
USALE edidekile umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, emva kokuthi ezakhe ziguqiswe yi-Australia ngo 30-17 koweRugby Championship, eSuncorp Stadium eBrisbane ngoMgqibelo ekuseni.
Bekulindeleke ukuthi iqembu lakuleli libuye selithelwe ngezibonkolo ngemuva kokudliwa ngamaWallabies ngo 28-26, ngenkathi bebhekene okokuqala ngempelasonto edlule. Kuvele kwabheda kakhulu kunakuqala.
Iqembu lasekhaya lishaye ama-try amane kulo mdlalo, amabili abekwe nguMarika Koroibete, amanye ashaywa nguLen Ikitau. Eyokubika yamaBhokobhoko, ize noLukhanyo Am. Owenze kangconywana eqenjini lakuleli nguHandre Pollard, owabeke phakathi womane amaphenathi awakhahlelile, wahlulwa yi-conversion eyodwa.
"Sidlale kabi kakhulu. Bebengcono kunathi ngayo yonke indlela. Sagcina ukungenisa ama-try amane emdlalweni owodwa, mhla sidlala neNew Zealand ngo-2018," kusho uNienaber.
"Angazi ngempela ukuthi konakelephi kodwa kuzomele sihlale phansi sizinuke amakhwapha kuleli sonto, sibheke ukuthi sizolihlanganisa kanjani futhi iqembu. Senze amaphutha amaningi phambili nasemuva. Abadlali bethu bebehleleke ngendlela efanele ukuze bayivimbe i-Australia kodwa bebevele bahluleke ukumaka, abase-Australia bazidlulele kalula.
"Siyazazi zonke izinombolo zabadlali bethu kodwa bengiqala ukubabona behluleka ukuvimba izitha kangaka. Kumele sisheshe sikulungise ngoba sisazobhekana neminye imidlalo enzima kula masonto amabili ezayo."
Ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi, uthe bebewulungiselele kahle umdlalo kodwa abadlali kumele baphumele obala, bavume ukuthi yibona abashaye udaka enkundleni.
"Ngeke ngisho ukuthi asifikanga namasu amahle kulo mdlalo ngoba sisebenze kanzima phakathi nesonto futhi abaqeqeshi basikhombisile amaphutha esawenza emdlalweni wokuqala," kusho uKolisi.
"Siphoxekile ngoba besazi kahle ukuthi bazodlala kanjani sajike sahluleka ukumelana nabo enkundleni. Lokho akusho ukuthi sekumele sishintshe indlela esidlala ngayo ngoba besihlele ngendlela efanele, sizihlulekele ukwenza obekuhleliwe.
"Yithina abadlali okumele sivume ukuthi sizenzele phansi futhi kulele kithina ukuthi silungise amaphutha ngaphambi kwemidlalo esizoyidlala nama-All Blacks."
AmaBhokobhoko azobhekana neNew Zealand eQueensland Country Bank Stadium ngoMgqibelo ekuseni, baphinde batholane phezulu eCbus Super Stadium komunye umdlalo ozolandela.
Ama-All Blacks adle i-Argentina ngo 36-13 ngoMgqibelo, asaqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-20 emuva kwemidlalo emine. AmaBhokobhoko anamaphuzu angu-10, i-Australia isihlanganise ayisishiyagalolunye, i-Argentina ineqanda.