XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weqembu leCell C Sharks leCarling Currie Cup, u-Etienne Fynn, uthi yena nomqeqeshi weqembu elizodlala ku-United Rugby Championship (URC), uSean Everitt, bakhethe ukuligcina lihlangene iqembu elikhulu.
Yize amanye amaqembu akuleli eqoke izikwati ezihlukene kule miqhudelwano emibili, iSharks izoqhubeka nokuziqeqesha ndawonye kuze kube yilapho iqembu le-URC sekumele lifulathele elakuleli liye phesheya.
I-Sharks izoqala umkhankaso weCurrie Cup neTafel Lager Griquas eHollywoodbets Kings Park ngoLwesithathu ngo-5.45 ntambama.
Izoqhubeka kwi-URC ngoMgqibelo lapho izotholana khona phezulu neSigma Lions eGoli.
“Ukugcina iqembu lonke lindawonye kwenza sikwazi ukubabona bonke abadlali ukuze sikwazi ukukhetha izikimu eziqinile kuyona yomibili imiqhudelwano,” kusho uFynn.
"Ngenxa yokuthi sihlezi ndawonye, asizilolongi ngokuhlukana, siyakwazi ukuhlanganisa amaqembu aqinile."
UFynn ukhethe abadlali abasha abayisithupha eqenjini elizobhekana neGriquas kwiCurrie Cup.
Owayegijima kwiGriquas, u-Eduan Keyter, uzoqala ophikweni nomdlali waseSamoa, u-OJ Noa, oyibamba kwi-looseforward. UJason Alexander, uDian Bleuler, uCorne Rahl noJosh Moon bazoqala ebhentshini.
Laba badlali abasha bazobe bengungwe ngabanamava abafana noThembelani Bholi, Khwezi Mona, Cameron Wright, ukaputeni, uMarius Louw, nabanye.
“AmaGriquas anamandla ngendlela emangalisayo. Banabadlali esibazi kahle abafana no-Eddie Davids, uNiel Otto, uRynhardt Jonker noStefan Ungerer abadlalile lapha eThekwini,” kwengeza uFynn.
“Nabo banenqwaba yabadlali abanamava. Silindele umdlalo onzima ngoba siyazi bazolwa.
“Njengoba ngike ngadlala futhi ngabuka imidlalo eminingi yeCurrie Cup ngisemusha, ngiyazi ukuthi kusewumqhudelwano wethu omkhulu wasekhaya.
“Abadlali ngibatshelile ukuthi uma bengakulambele ukudlala kulo mqhudelwano akumele badlale umbhoxo.
“Wonke umuntu uyakwazi ukubaluleka kweCurrie Cup futhi sibheke ukuthi sidlale ngokukhulu ukuzimisela."
ISharks ibingadlali ngesikhathi kuvulwa lo mqhudelwano ngempelasonto, iGriquas iwuqale ngesibhaxu idliwa yiCheetahs ngo-30-20.