XOLILE MPISANE
I-Cricket South Africa (CSA) izolinda ulwazi oluthe xaxa oluzoqhamuka ekhempini yama-Proteas ngaphambi kokuthatha isinqumo ngomdlali u-Quinton de Kock, ongadlala koweNdebe yoMhlaba ye-T20 bebhekene ne-West Indies ngoLwesibili.
U-De Kock unqume ukungawudlali lo mdlalo ngemuva kokuthi i-CSA ikhiphe umyalelo wokuthi bonke abadlali kumele baguqe ngaphambi kokuqala kwemidlalo, nokuyisenzo sokulwa nokucwasana ngebala esihambisana nomkhankaso weBlack Lives Matter.
Ngaphambilini abadlali bebevunyelwe ukwenza noma yini abayifunayo, abanye bebephakamisa isibhakela noma bazimele nje.
“I-Cricket South Africa (CSA) izwile ngesinqumo somdlali u-Quinton de Kock sokunqaba ukuguqa ngaphambi komdlalo wangoLwesibili ne-West Indies," kusho isitatimende esikhishwe yiCSA.
"Bonke abadlali bekudingeka ukuthi baguqe, ngokuhambisana nomyalelo webhodi le-CSA ophume ngoMsombuluko ebusuku. Lolu wuphawu olwamukelwe ngabezemidlalo emhlabeni jikelele ukuze balwe nokucwasana ngokwebala. Bakwenza lokhu ngoba bayawaqonda amandla abanawo okuhlanganisa abantu.
"Ngemuva kokucubungula okuningi okuhlanganisa amalungelo abadlali, ibhodi likubeke kwacaca ukuthi kubalulekile ukuthi iqembu libonakale limelana nokucwasa ngokwebala, ikakhulukazi uma kubhekwa umlando waseNingizimu Afrika.
"Ibhodi lizolinda omunye umbiko ovela kubaphathi bethimba lamaProteas ngaphambi kokuthatha isinqumo ngezinyathelo ezilandelayo. Kulindeleke ukuthi bonke abadlali bawulandele lo myalelo kule midlalo esele yeNdebe yoMhlaba."
Ama-Proteas agcine eyinqobile iWest Indies ngamawikhethi ayisishiyagalombili, obekuwumphumela obudingeka kakhulu ngemuva kokudliwa yi-Australia emdlaweni wokuqala ngoMgqibelo.
Kulindeleke ukuthi uDe Kock akhiphe isitatimende namuhla ngalolu daba.
Ukaputeni uTemba Bavuma uthe kubaphazamisile ukuhoxa kukaDe Kock umdlalo usuzoqala kodwa uvumile ukuthi wonke umdlali unelungelo lokuzithathela izinqumo.
“Siyiqembu zisithusile futhi zasimangaza lezi zindaba. UQuinton ungumdlali obalulekile eqenjini, hhayi ngokubhetha nje kuphela, kodwa ungomunye wabadlali abanamava. Ukungabibikho kwakhe akuyona into ebengiyilindele njengokaputeni," kusho uBavuma.
“UQuinton usekhulile, siyasihlonipha isinqumo sakhe futhi ngiyazi ukuthi uzoyimela into ayenzile.
“Kumele sikubonge ukuthi siphila ezweni elifana neNingizimu Afrika elinemvelaphi yalo, elinemibono ehlukene. Sonke sibona ngezindlela ezihlukene ngenxa yendlela esikhule ngayo futhi sikholelwa ezintweni ezihlukene.
“Njengoba siyiqembu, sigqoka inyufomu, sidlalela ibheji elifanayo, kodwa sisaphila impilo ehlukile. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye ngokwezinkolelo, ngokwemibono, kumele sibe nezingxoxo ezinzima.
"Ngalezo zingxoxo sizokwazi ukwamukela isinqumo somunye umuntu. Ngeke ngiphoqe muntu ukuthi abone izinto ngendlela engibona ngayo, futhi nomunye ngeke akwazi ukungiphoqa."
AmaProteas azodlala umdlalo olandelayo wamaqoqo neSri Lanka eSharjah ngoMgqibelo ngo-12 emini.