XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ulindele ukuthi iqembu lakhe libuye ngamandla ngonyaka ozayo ngemuva kokuqeda isizini ka-2021 ngenothi elibi, lidliwa yi-England eTwickenham ngoMgqibelo.
I-England inqobe lo mdlalo ngo-27-26 ngephenathi evalelwe nguMarcus Smith sekusele amanenjana umdlalo uphele.
UKolisi uwuqedele ebhentshini umdlalo ngemuva kokuthola ikhadi eliphuzi sekusele imizuzu emihlanu, ejeziswa ngokudlalisa kabi uJoe Merchant.
Lo mphumela uchaza ukuthi emidlalweni engu-13 amaBhokobhoko ayidlalile kulo nyaka, akwazile ukunqoba eyisishiyagalombili, ahlulwa kwemihlanu. UKolisi ukholelwa ekutheni kuningi abakufundile njengoba bengadlalanga nhlobo ngo-2020 ngenxa yokudlanga kwe-Covid-19.
“Asineme futhi asijabule ngemiphumela ngoba ngikholwa wukuthi leli qembu lingenza kangcono kunalokhu. Sihlale silindele ukwenza izinto ezisezingeni eliphezulu," kusho uKolisi.
"Ngicabanga ukuthi sithuthuke kakhulu ngokomqondo. Sidlule ezimeni eziningi ezinzima futhi sakwazi ukumelana nazo ngaphandle kokulahlekelwa wumfutho wethu, ngiyaziqhenya ngalokho.
"Singasho ukuthi ngezinye izindlela kube ngunyaka oyimpumelelo kodwa into esemqoka yimiphumela. Siyazi lapho singahambanga khona kahle futhi sizosebenza kanzima ukuze sibe ngcono ngonyaka ozayo."
UKolisi uthe bekunzima ukuhlala isikhathi eside bevalelekile futhi beqhelelene nemindeni yabo ngenxa yemigomo yeCovid-19 kodwa bakuthokozele ukubuyela enkundleni.
"Yize noma sidlule ebunzimeni kodwa siyavuma ukuthi asikho ezingeni okumele sibe kulona.
“Ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yaleli qembu nangayo yonke imizamo esiyikhombisile. Siyakubonga nokwesekwa esikuthole emindenini yethu nabo bonke abebesikhuthaza.
“Siyazi lapho esikhona futhi siyazi ukuthi singakwazi ukukhuphula izinga. Kunemidlalo lapho sihlulwe kuyo ngephuzu elilodwa noma amabili nokuyinto okumele sizame ukuyigwema. Ngiyethemba ukuthi uma sesibuya sobe sesazi kahle ukuthi yini okumele siyilungise.
“Kuningi esizokubona uma sesicubungula konke okwenzeke kulo nyaka okuzosisiza njengoba singadlalanga ngo-2020. Angifuni ukuchaza kabanzi kodwa kunezinto esifuna ukuzilungisa njengokusebenzisa amathuba,” kusho uKolisi.
AmaBhokobhoko azobuyela enkundleni uma esebhekene neWales ochungechungeni lwemidlalo emithathu kuleli ngoJulayi 2022.