ICRICKET South Africa (CSA) isiqinisekise ukuthi seluphothuliwe uhlelo lokuqokwa kwabanikazi bamaqembu ayisithupha azodlala kwiligi yakuleli ye-T20.
Ukudayiswa kwala maqembu obekuvulelwe noma yimuphi umuntu noma inkampani, bekuphethwe yinkampani i-Deloitte Corporate Finance.
Ngokusho kweCSA, izinkampani ezingaphezulu kuka-29 ezivela ezindaweni ezehlukene emhlabeni, zifake izicelo zokuphatha amaqembu kulo mqhudelwano.
Ekugcineni kukhethwe izinkampani eziyisithupha ezizongamela amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano omusha okulindeleke ukuthi ube sezingeni lemiqhudelwano emikhulu yeT20 njenge-Indian Premier League (IPL) neBig Bash League yase-Australia.
Zonke izinkampani ezikhethiwe zidabuka e-India futhi zivele zinamaqembu agijima kwi-IPL.
Iqembu laseThekwini, elizodlala eKingsmead, lithathwe yiRPSG Sports Private Limited, engabanikazi beLucknow Super Giants, kanti elaseNewlands, eKapa, lizobe liphethwe yiReliance Industries Limited, ephethe iMumbai Indians.
Abanikazi beSunrisers Hyderabad, iSun TV Network Limited, bathathe iqembu elizodlalela eSt George’s Park, eGqeberha, kanti elaseWanderers, eGoli, lizobe lingaphansi kweChennai Super Kings Cricket Limited, ephethe iChennai Super Kings.
Kwamanye amaqembu amabili, abanikazi beRajasthan Royals, iRoyal Sports Group, bathathe iqembu elizozinza eBoland Park ePaarl, kanti iqembu elizodlalela eSuperSport Park, ePitoli, lizobe liphethwe yiJSW Sports enesandla kwiDelhi Capitals.
Ngokwesitatimende seCSA, izinkampani eziyisithupha eziphumelele ziqokwe ngenxa yokuthi zinolwazi olunzulu lokuphatha amaqembu emidlalweni ehlukene nolunzulu lwekhilikithi.
“Sijabule kakhulu ukwamukela abanikazi bamaqembu abasha kwiligi yaseNingizimu Afrika, ezoba ngoJanuwari nangoFebhuwari ngo-2023,” kusho umqondisi walo mqhudelwano osanda kuqokwa, uGraeme Smith.
“Lesi yisikhathi esithokozisayo kwikhilikithi yaseNingizimu Afrika. Intshisekelo enkulu yokuba yingxenye yalo mqhudelwano ikhombisa ukuthi izwe lisabalulekile kwezekhilithi.
“Kulandelwe inqubo eqinile yokufaka amathenda ukuze kukhethwe abanikazi abayisithupha. Ngithanda ukubonga i-Deloitte njengabeluleki bethu ngokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu ukuze ikhilikithi yakuleli isebenzisane nabantu abahambisana nezinhlelo zethu zokubeka umdlalo wethu phambili."
Okulandelayo kuzoba wukuthi la maqembu athole abadlali okubalwa kubona izihlabani zamazwe ngamazwe kanjalo nabadlali baseNingizimu Afrika abazojabulisa abalandeli ekuqaleni konyaka ozayo.
“Sesisayine izinkontileka nabadlali abaningi abahamba phambili emhlabeni abazomenyezelwa maduze,” kuqhuba uSmith.
“Uma kuhlanganiswa nenqwaba yabadlali bakuleli kuzophuma amaqembu aqinile futhi abalandeli bangaqiniseka ukuthi iligi entsha izoba sezingeni elijabulisayo."