OWAYENGUMPETHA womhlaba wosondonzima, u-Evander Holyfield, uthi akadiniwe wukuthi imbangi yakhe yeminyaka uMike Tyson iqoke uRoy Jones Jr. ukuthi ilwe naye empini yayo yokushaya ibuya esibhakeleni.
Kusukela uTyson ememezele ukuthi ubuyela eringini ekuqaleni kwalo nyaka, isezindebeni zabaningi eyokuthi bazophinda impi yesithathu noHolyfield.
Laba ababili bathathe amehlo omhlaba ngama-90s bedudulana ezimpini ezimbili kangangoba kweyesibili uTuson waze waluma indleba kaHolyfield.
UHolyfield, ozinqobe zombili izimpi, naye uyayifuna impi yesithathu futhi uke waveza ukuthi sebeke baxoxa.
Nokho ngesonto eledlule uphoxekile kuvela ukuthi uTyson oneminyaka engu-54, uzolwa noJones yena ogcine ukulkwa ngo-2018.
Impi yabo kuthiwa izoba ngoSepthemba 12.
“Ngokwenza kwakhe lokhu, kungenzeka kumosheke izinhlelo zeyangomuso (nami). Besikhuluma ngayo kodwa bekungakabikhona okuphathekayo okusephepheni. Besazi ukuthi ufuna ukubuya kuqala. Uma ube ngowesibili, abantu bazokwahlulela ngokuthi owokuqala ubenjani,” kusho uHolyfield kwiBoxingScene.com.
“Kungenzeka abalandeli bangabe besafuna ukuyibona. Kugcina kufika ekutheni, ’ngabe uyafuna ngempela ukulwa?’ Bonke abantu bafuna ukusibona naye senza lento, ngakho wenzani-ke manje?
“Anginankinga mina. Kufanele siqhubekele phambili. Anginazinkinga. Simnandi ngalokho. Angidiniwe. Asikho isidingo sokudinwa, ngimfisela okuhle.”