XOLILE MPISANE
UGCULISEKILE ngendlela iqembu elilwe ngayo kwaze kwaba sekugcineni ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ngesikhathi libhekene neNew Zealand koweRugby Championship ngoMgqibelo.
AmaBhokobhoko abehamba phambili emizuzwini yokugcina kulo mdlalo obuseQueensland Country Bank Stadium, e-Australia, kodwa ama-All Blacks athola iphenathi sekusele imizuzu emibili kuphele umdlalo.
UJodie Barrett uyibeke phakathi, wabeka ezakhe phambili ngo-19-17. Lizamile futhi iqembu lakuleli ukuwuntshontsha umdlalo ngasekugcineni kodwa ibhola lagcina liphunyukile, wabe usuphela.
AmaBhokobhoko asehlulwe imidlalo emithathu ilandelana njengoba engene kulo mdlalo esanda kuguqiswa yi-Australia kabili kodwa uKolisi uthe bezindala zombili phakathi kwabo nama-All Blacks.
“Besinohlelo ebesikholelwa ukuthi lungasisiza ukuthi sinqobe ama-All Blacks futhi ngokubona kwami lusebenzile yize sigcine singawunqobanga umdlalo,” kusho uKolisi.
“Besifuna ukuzibeka ethubeni lokunqoba iRugby Championship futhi besidinga ukwenza kangcono ngemuva kwamasonto amabili edlule.
"Besifuna ukugxila ezintweni esizijwayele, sakwenza lokho. Besazi ukuthi ama-All Blacks azodlala kanjani, sakwazi nokumelana nesitayela sabo, kushode kancane nje ukuthi sinqobe.
“Angeke ngikwazi ukugxeka ozakwethu noma abaqeqeshi. Akukho okungahambanga kahle.
“Kubuhlungu ukudliwa kathathu kulandelana. Sizohlaziya ukuthi konakelephi kodwa imiphumela emihle isiseduze. ”
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uthe abadlali bebewulungele umdlalo futhi benze kangcono uma uqhathanisa nabakwenze bebhekene ne-Australia.
"Besizithembile futhi sonke eqenjini besikholwa ukuthi singabashaya. Besazi ukuthi umdlalo uzoba nzima, namaphuzu azosondelana.
“Besinethuba ngasekugcineni futhi sizibeke ethubeni lokuwunqoba lo mdlalo. Indlela esikhahlele ngayo bekuyiqhinga lokuthi sizakhele amathuba okushaya ama-try, sihlasele ngokushesha.
“Besinamathuba, nabo bebenamathuba. Kuncane kakhulu okusihlukanisile kodwa siyazi ukuthi ibhola liyagingqika futhi kuyenzeka ezinye izinqumo zikanompempe zivune wena noma zivune izitha.
"Sisazoqhubeka sisebenze ukuze sibuyele esimeni esisijwayele kule midlalo elandelayo," kusho uNienaber.
AmaBhokobhoko azophinde atholane phezulu neNew Zealand ngoMgqibelo ozayo ngo-12:05 emini eCbus Super Stadium, eQueensland.
Ama-All Blacks aseyinqobile iRugby Championship njengoba esahleli esicongweni ngamaphuzu angu-24. I-Australia ilele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-13, amaBhokobhoko asehlanganise angu-11, i-Argentina iseneqanda.