ZAKHELE XABA
UYABALISA umqeqeshi wesibhakela, uSamson Ndlovu, osengcupheni yokudlelwa izimpahla zokujimisa ngumasitende wakhe osekuphele izinyanga ehluleka ukumkhokhela.
UNdlovu waseNkundusi, eMtubatuba, uthe akazi uzothathani ayihlanganise nani ukuze angalahlekelwa yizinto zokujima ezisendaweni eyigaraji lomuntu ayiqashile eKensington, eGauteng.
Selokhu kuvaliwe isibhakela ngoMashi ngenxa yobhubhane iCovid-19, uNdlovu uthe akakaze ayikhokhele le ndawo ngoba ayikho imali engenayo.
Ejimini kaNdlovu kukhona umpetha wesifazane waseMzansi uMapule Ngubane waseMgungundlovu no-Innocent “Tycoon” Mantengu waseMtubatuba obephethe ibhande leSA Super Bantamweight.
“Ingibulele kakhulu iCovid-19 ngoba ayisekho imali engenayo. Thina siphila ngokuthi siqeqeshe amabhokisa kuthi uma eselwile imali esiyitholayo sikhokhele ngayo izinto ezifana nazo izindawo zokujima.
“Njengoba sekuphele izinyanga eziyisikhombisa ngingakhokhi angazi noma ngisazozithola yini izinto zokujima noma sekuzodliwa zona. Side lesi sikhathi ngingakhokhi,” kusho uNdlovu.
“Lo mlungu wanginika igaraji lakhe ayelenzele ukuthi kujime ingane yakhe. Okwamanje ngoba iphesheya ungiqashisele lona. Uyangazi ukuthi ngingumuntu ozithandayo ezemidlalo futhi ngenza izinto ngendlela eqondile kodwa uyayifuna inkokhelo.”
Usizi olubhekene noNdlovu luhaqe inqwaba yabaqeqeshi besibhakela eMzansi. Ngesonto eledlule kuvele ukuthi kukhona asebeqoke ukudayisa impahla yokujima ukuze bakhokhele amajimu abawaqashile noma ukuze baphume kuwona ngoba bayahluleka ukuwakhokhela.
Nakuba inhlangano eyengamele isibhakela iBoxing South Africa (BSA) imemezele ukuthi amajimu asengavulwa ngaphansi kwemigomo eqinile yokuphepha kodwa abaqeqeshi abaningi banqume ukungavuli.
“Amabhokisa ami ngiwatshele ukuthi awaqhubeke nokuzijimela ngawodwana, agijime ngoba angiboni izolunga eyokubuyela ejimini. I-BSA ikubeke kwacaca ukuthi uzojeza uma utholakale ngisho ushayisa ibhokisa ama-pad. Ngakho ngibone singekho isidingo sokuvula,” kusho uNdlovu.
Khonamanjalo iBSA iqinisekisile ukuthi obeyisikhulu esiphezulu uTsholofelo Lekaja usulile kulesi sikhundla. Indawo yakhe izobanjwa uCindy Nkomo kuze kube ungqongqoshe wezeMidlalo, uNathi Mthethwa uqasha ozophatha ngokugcwele.