XOLILE MPISANE
UZODLALA umdlalo wakhe wokuqala weRainbow Cup SA uMakazole Mapimpi njengoba efakiwe eqenjini lamaCell C Sharks elizogijimisana namaLions e-Emirates Airlines Park kusasa ngo-4 ntambama.
UMapimpi uzowuqala umdlalo ophikweni lwesinxele, ethatha indawo kaYaw Penxe, osezovala isikhala sikaS’bu Nkosi kwesokudla.
Lo mdlali owazakhela ugazi kubalandeli bamaBhokobhoko emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ngo-2019, uke wawashiya amaSharks wayodlalela iqembu laseJapan, iDocomo Red Hurricanes kodwa usebuyile.
Umqeqeshi wamaSharks, uSean Everitt ulishintshe kakhulu iqembu elagcina lihlulwe ngamaStormers ngo 25-22 emasontweni amabili adlule.
Abanye abangeke bawuqale umdlalo ngu-Ox Nche, Fez Mbatha, Thomas Du Toit, Reniel Hugo, Thembelani Bholi, Curwin Bosch, Lukhanyo Am no-Aphelele Fassi.
Izikhala zabo zizovalwa nguNtuthuko Mchunu, Kerron van Vuuren, Wiehahn Herbst, Hyron Andrews, James Venter, Phepsi Buthelezi, Manie Libbok, Werner Kok no-Anthony Volmink.
Umqeqeshi wamaLions, u-Ivan van Rooyen uzoqhubeka neqembu elagcina lihlule amaBulls. Ushintsho alwenzile lusebhentshini. UDan Kriel uzongenela uManuel Rass. AmaSharks kumele anqobe lapha ukuzibeka ethubeni lokugcina eqede phezulu.
Sharks – 15 Anthony Volmink, 14 Yaw Penxe, 13 Werner Kok, 12 Marius Louw, 11 Makazole Mapimpi, 10 Manie Libbok, 9 Jaden Hendrikse, 8 Phepsi Buthelezi, 7 Henco Venter (c), 6 James Venter, 5 Hyron Andrews, 4 JJ van der Mescht, 3 Wiehahn Herbst, 2 Kerron van Vuuren, 1 Ntuthuko Mchunu.
Ebhentshini: 16 Fez Mbatha, 17 Ox Nche, 18 Thomas du Toit, 19 Ruben van Heerden, 20 Thembelani Bholi, 21 Grant Williams, 22 Boeta Chamberlain, 23 Jeremy Ward.
Lions – 15 EW Viljoen, 14 Rabz Maxwane, 13 Wandisile Simelane, 12 Burger Odendaal (c), 11 Courtnall Skosan, 10 Jordan Hendrikse, 9 Andre Warner, 8 Len Massyn, 7 Vincent Tshituka, 6 MJ Pelser, 5 Reinhard Nothnagel, 4 Ruben Schoeman, 3 Carlu Sadie, 2 Jaco Visagie, 1 Sti Sithole.
Ebhentshini: 16 PJ Botha, 17 Ruan Dreyer, 18 Asenathi Ntlabakanye, 19 Willem Alberts, 20 Emmanuel Tshituka, 21 Morne van den Berg, 22 Fred Zeilinga, 23 Manuel Rass.