XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, uphoxekile ngendlela abaqede ngayo uhambo lwaphesheya kwi-United Rugby Championship, behlulwa yiCardiff Blues kodwa unethemba lokuthi bazoqhubeka nokuthuthuka kulo mqhudelwano.
Iqembu laseWales linqobe ngo 23-17 ngoMgqibelo ebusuku. AmaSharks anqobe umdlalo owodwa ahlulwa kwemithathu kulo mlenze abewudlala e-Europe.
“Sidumele kakhulu ngomphumela. Sizamile ukubuya ngesiwombe sesibili kodwa amathuba ethu asiwasebenzisanga ngokwanele ukuthi sigcine siwunqobile umdlalo.
"Ukuba sithole enye i-try eyodwa noma amabili besizothola umphumela ohlukile. Sifundile ukuthi kuleli zinga kumqoka ukusebenzisa wonke amathuba.
"Ukuba sigweme amaphutha ambalwa ngabe siwunqobile lo mdlalo," kusho u-Everitt
AmaStormers kuphela iqembu laseNingizimu Afrika elinqobile kule mpelasonto, adle iDragons ngo 24-10.
Emidlalweni engu-16 edlalwe ngamaqembu akuleli kulo mlenze waphesheya, anqobe emine kuphela.
AmaSharks asazophumula okwesikhashana ngaphambi kokubhekana neScarlets eJonnson Kings Park ngoNovemba 27.
"Lolu hambo kumele silucubungule ngokuphelele. Ngikholwa ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika adlale kahle. Kunzima ukudlala ekuhambeni," kusho u-Everitt.
"Sikhule kakhulu njengeqembu futhi abadlali bethu abancane bathole amathuba okudlala e-Europe.
"Sesilangazelele ukubuyela ekhaya. Ngiyethemba ukuthi sizodlala phambi kwabalandeli bethu ngomhla ka-27 Novemba."
Umqeqeshi wamaStormers, uJohn Dobson, uthe kwehle umthwalo njengoba ezakhe zigcine zinqoba okokuqala kulo mqhudelwano.
AmaStormers yiwona ahleli endaweni engcono emaqenjini akuleli njengoba elele endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emine.
"Kudingeke ukuthi sisebenzise amandla ukuze sinqobe lo mdlalo. "AmaDragons asemaqenjini anamandla kakhulu kulo mqhudelwano. Ngicabanga ukuthi banabadlali baphambili abayisithupha abadlala eqenjini lesizwe leWales kodwa sikwazile ukubadlula ngamandla. Ngiyaziqhenya kakhulu ngalokho. Bekumqoka ukuthi sinqobe noma umdlalo owodwa ekuhambeni,“ kusho uDobson.
AmaStormers azodlala olandelayo neZebre yase-Italy eKapa ngoNovemba 27.