IQEMBU lakukeli lekhilikithi labesilisa likhuphukele esicongweni ku-Group 2 kwiNdebe yoMhlaba ye-T20 ngokuhlula i-India ngamawikhethi amahlanu emdlalweni walo wesithathu wamaqoqo obuse-Optus Stadium e-Perth ngeSonto.
Bekungokwesibili linqoba kulo mqhudelwano njengoba likwazile ukuhlula iBangladesh ngesonto eledlule. Lathola iphuzu elilodwa emdlalweni wokuqala neZimbabwe ongazange uphele ngenxa yemvula.
I-India iwine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala. Kuma-over ayo angu-20 ihlanganise ama-run angu-133, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalolunye. USuryakumar Yadav uyena owenze into ebonakalayo eshaya ama-run angu-68 emabholeni angu-40.
Abashwibi bamaProteas abadale umonakalo omkhulu uLungi Ngidi, othole amawikhethi amane, noWayne Parnell, othathe amathathu.
Iqembu lakuleli aliqalanga kahle ukubhetha njengoba lilahlekelwe amawikhethi kaQuinton de Kock, Rilee Rossouw noTemba Bavuma isibalo sama-run sisephansi kakhulu.
Nokho, u-Aiden Markram noDavid Miller bakwazile ukubhetha kahle ndawonye, bobabili bashaya ama-run angaphezu kuka-50.
Emabholeni ayisithupha okugcina amaProteas abedinga ukushaya ama-run ayisithupha, akwazi ukufinyelela kwangu-137 sekusele amabhola amabili, eselahlekelwe amawikhethi amahlanu.
Lo mphumela ubeke ezikaMark Boucher esicongweni eqoqweni lawo ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu. Lilandelwa yi-India neBangladesh, ababambene ngamaphuzu amane iqembu ngalinye.
AmaProteas asesalelwe yimidlalo emibili yamaqoqo. Azobhekana nePakistan ngoLwesine bese evala ngeNetherlands ngeSonto.