XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weqembu lakuleli labesifazane lekhilikithi, uHilton Moereeng, uthi womabili amaqembu anethuba lokunqoba uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa njengoba amaProteas azodlala neWest Indies.
La maqembu asanda kudlala ngokulingana ngo-1-1 kwi-T20. Umdlalo wokuqala waphazanyiswa yimvula, owesibili wanqotshwa ngamaProteas, owesithathu wathathwa yiWest Indies.
Umdlalo wokuqala kweyosuku olulodwa, uzobanjelwa eCoolidge Cricket Ground, namuhla ngo-8.45 ebusuku.
AmaProteas asendaweni yesithathu uma kukleliswa amaqembu avelele emidlalweni yosuku olulodwa. IWest Indies isendaweni yesithupha. UMoereeng uthe lokho akusho ukuthi imidlalo izoba lula.
"Ngeke ngisho ukuthi yithina esithwelwe ngeqoma ngoba sibhekene neqembu elidlalela ekhaya. Bayazazi izinkundla esizodlalela kuzona," kusho uMoereeng.
"Sizimisele kodwa ukuthi siqhubeke nokunyusa amasokisi emidlaweni yosuku olulodwa. Sijwayele ukwenza kahle kulolu hlobo lomdlalo. nisesikwati esiqinile futhi esesijwayele ukudlala ndawonye.
"Bonke abadlali bayakwazi okumele bakwenze ukuze siphumelele. Sisesimeni esihle futhi sizolwa kuyona yonke imidlalo."
Uvumile ukuthi bazenzela phansi ngokungawashayi ama-run anele ngesikhathi behlulwa yi-West indies kwi-T20 yesithathu, nokuyinto afuna ukuthi bayilungise kulo mdlalo wokuqala wosuku olulodwa.
"Abadlali bethu ababhethayo abakwenzanga okwakufanele bakwenze kodwa kuningi esingakufunda kulokho.
"IWest Indies ihlasela kakhulu ngama-spinner kodwa futhi banabo abashwibi abanesivinini. Yingakho kumele sizimisele futhi siqaphele ngaso sonke isikhathi. Kumele siqikelele ukuthi asiwalahli ama-wicket kalula, ababhethayo basebenzisane bandise ama-run."
UMoereeng uthe akazimisele ukwenza izinguquko eziningi kule midlalo emihlanu njengoba sekusele izinyanga eziyisithupha kuqale iNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eNew Zealand.