XOLILE MPISANE
UKAPUTENI weqembu lakuleli lesizwe lekhilikithi, uTemba Bavuma, uthi bakubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni kulandela ukuxazululwa kwezinkinga zamacala ebezikhungethe iCricket South Africa (CSA) ezinyangeni ezedlule.
Lokhu kulandela umbiko owaqhamuka ngemuva kweSocial Justice and National-Building (SJN) nyakenye lapho idlanzana labaqeqeshi bekhilikithi bakudala nabamanje, abadlali kanye nabaphathi babeka ubufakazi ngokucwaswa ngokwebala.
Owayengukaputeni wamaProteas futhi engumqondisi wekhilikithi kwiCSA ngesikhathi kuqhubeka iSJN, uGraeme Smith, nowayenguzakwabo kumaProteas, uMark Boucher, osengumqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa, babalwa njengabanye ababemataniswa nezinsolo zokucwasa ngokwebala.
Ngenxa yalokho, iCSA iqale uphenyo lwangaphakathi oluqondene nabo bobabili. Bekumele bavele phambi kwekomiti lokuqondisa izigwegwe ngaphambi kokuthi amacala abebethweswe wona ahoxiswe ngo-Ephreli nasekuqaleni kwenyanga edlule.
AmaProteas azolibangisa e-India namuhla lapho ezodlala umdlalo wokuqala weT20 ngoJuni 9. UBavuma uthe kuyabakhulula ukuthi zonke lezo zinkinga sezixazululiwe.
"Ngicabanga ukuthi kukhona ukukhululeka okukhulu eqenjini lonke, nawo wonke umuntu oyingxenye yekhilikithi kuleli njengoba kubonakala sengathi lezi zinkinga zangaphandle kwenkundla sezixazululiwe," kusho uBavuma.
"Manje kunesikhala sokuthi wonke umuntu agxile kwikhilikithi nalokho okwenzeka enkundleni. Bekunzima eqenjini, kubadlali, nakubaphathi kodwa ngicabanga ukuthi sizamile ukuthi lokho kungasiphazamisi.
“Uma ngibuyela emuva kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, sibe nezingxoxo ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu usendaweni efanele ngokomqondo nokuthi azikho izinkinga ezikhona phakathi kwabadlali nabaphathi.
"Ngicabanga ukuthi lokho kusisizile, sakwazi ukumelana nesimo ebesibhekene naso. Thina njengabadlali siyakwamukela ukuthi sesingagxila kwikhilikithi futhi sifake wonke umfutho wethu kuyona ngaphandle kokucabanga ezinye izinto ezenzeka ngaphandle kwenkundla."
UBavuma uthe ukubheke ngabomvu ukubuya kwabadlali abebegijima kwi-Indian Premier League (IPL), ikakhulukazi uDavid Miller odle isicoco neGujarat Titans.
Ujabulile futhi nangabadlali abancane abafana noTristan Stubbs, ongakaze alidlalele iqembu lesizwe phambilini.
"Umdlali ofana noDavid, ophakamise indebe neGujarat Titans, uzoletha ukuzethemba eqenjini. Sikubheke ngabomvu lokho. Abanye abebegijima kwi-IPL nabo badlale kahle kulowo mqhudelwano," kwengeza uBavuma.
Iqembu labesifazane lamaProteas nalo lisanda kulifulathela elakuleli lilibangise e-Ireland lapho lizoba nomdlalo wokuqala kwemithathu yeT20 nosokhaya ngoLwesihlanu.