XOLILE MPISANE
KUSEKUNINGI abazimisele ukukwenza kangcono abadlali bamaProteas ochungechungeni lwemidlalo emihlanu yeT20 abayidlala neWest Indies, ngokusho kukaReeza Hendricks.
AmaProteas ashaye into ephansi emdlalweni wokuqala eNational Cricket Stadium, eGrenada, ngoMgqibelo, ehlulwa ngamawikhethi ayisishiyagalombili kusasele amabhola angu-30.
Iqembu, eliholwa nguTemba Bavuma, lenze kangcono kowesibili odlalwe ngeSonto enkundleni efanayo, linqoba ngama-run angu-16.
Bese kubukeka sengathi iWest Indies izophinde iwunqobe lo mdlalo kodwa amaProteas abuya ngesikhathi abashwibi abangama-spinner bencisha iqembu lasekhaya ama-run baphinde bathatha namawikhethi abalulekile.
“Sidumele ngendlela esidlale ngayo emdlalweni wokuqala, sivele sabavumela ukuthi bazenzele umathanda. Sibe nomhlangano saqhamuka namaqhinga amasha futhi ngicabanga ukuthi sikwenzile okunye ebesixoxe ngakho emdlalweni wesibili,” kusho uHendricks.
“Ngingasho ukuthi inkundla nayo ishintshile kancane ngoba siwubonile umehluko ngesikhathi sekushwiba ama-spinner ethu. Ibhola belijika ngendlela egculisayo. Inkundla ibingasafani nale esidlale kuyona umdlalo wokuqala.
“Bekungekho okuningi ebesihlose ukukushintsha uma sesibhetha. Ngiyabancoma abashwibi beWest Indies ngomsebenzi omuhle abawenzayo. Sihlulekile ukwenza ama-run amaningi, ikakhulukazi ngasekupheleni kwama-over ethu,” kuqhuba uHendricks.
Umdlalo wesithathu uzodlalwa kusihlwa ngo-8 kanti uHendricks uthe kumele bahlukane nalo mkhuba omubi wokuqala kahle uma bebhetha bese belahlekelwa umfutho.
“Okungasisiza ukuthi omunye wababhetha ngasekuqaleni angaphumi, aqhubeke kuze kuphele ama-over angu-15 noma ngaphezulu,” kuqhuba uHendricks.
“Siqala kahle kuma-over ayisithupha e-powerplay kodwa sekufanele senze kangcono kula ma-over aphakathi nendawo, nalawa angasekugcineni ukuze sihlanganise ama-run amaningi.
“Siyawazi amaphutha ethu, sesikhulumile ngawo, sekusele ukuthi lokho kuvele enkundleni.”
Unyaka obalulekile eqenjini leT20 lo njengoba kusazodlalwa iNdebe yoMhlaba okulindeleke ukuthi iqale ngo-Okthoba.
Lo mqhudelwano ubuzodlalelwa e-India kodwa sekuhlelwe ukuthi imidlalo ibanjelwe e-United Arab Emirates ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane le-Covid-19 e-India.