XOLILE MPISANE
IQEMBU lesizwe lakuleli lekhilikithi linqobe okokuqala kwiNdebe yoMhlaba ye-T20 lidla iWest Indies ngamawikhethi ayisishiyagalombili eDubai International Stadium, ngoLwesibili.
Womabili la maqembu abedinga ukuwunqoba lo mdlalo ngemuva kokuhlulwa emidlalweni yawo yokuqala eqoqweni uGroup 1.
Emdlalweni wokuvula, amaProteas aguqiswa yi-Australia ngamawikhethi amahlanu ngoMgqibelo, iWest Indies yadliwa yi-England ngamawikhethi ayisithupha.
Kowanamuhla amaProteas awine ithosi akhetha ukushwiba kuqala. IWest Indies ihlanganise ama-run angu-143 kuma-over angu-20. Iqede isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
U-Evin Lewis nguyena obhethe kangcono eshaya ama-run angu-56 emabholeni angu-35.
Abashwibi bamaProteas abagqamile kube nguDwaine Pretorius, othathe amawikhethi amathathu, noKeshav Maharaj, othathe amabili.
Iqembu lakuleli liphinde laqala kabi lilahlekelwa yiwikhethi kakaputeni uTemba Bavuma, obesashaye ama-run amabili kuphela.
Abalandelile bakwazile ukubeka amaphaphu phansi bahlanganisa ama-run abedingeka ngokucophelela.
UReeza Hendricks uphume eseshaye ama-run angu-39 emabholeni angu-30.
Umdlalo uqedelwe nguRassie van der Dussen no-Aiden Markram ababambisane kahle bezenzela kubashwibi baseWest Indies baze bahlanganisa ama-run angu-144 kuma-over angu-18.2.
UVan der Dussen ugcine eshaye ama-run angu-43 emabholeni angu-51, uMarkram washaya angu-51 emabholeni angu-26.
"Sidlale kangcono kakhulu uma siqhathanisa nomdlalo wokuqala. Besazi lapho obekumele sibhukule khona, ikakhulukazi thina esibhethayo," kusho uBavuma ngemuva komdlalo.
"Abashwibi bethu baphinde badlala kahle futhi. U-Anrich Nortje noKagiso Rabada benza umsebenzi ube lula enkundleni. Bayabasiza futhi nabanye abashwibi ngoba sebejwayele ukudlala kulezi zinkundla.
"Kumele siqhubeke sizimisele, ikakhulukazi uma sesibhetha ngoba abashwibi sebesitakule kaningi. U-Aiden wenze umsebenzi omuhle kakhulu."
AmaProteas azotholana phezulu neSri Lanka kolandelayo ozodlalelwa eSharjah Cricket Stadium, ngoMgqibelo ngo-12 emini.