UMDLALI wamaProteas, uKeegan Petersen, uzibophezele ekutholeleni iqembu ama-run njengoba bezobhekana ne-England emdlalweni wokugcina wochungechunge lwama-test.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wesithathu, okungowokugcina, eThe Oval, eLondon, ozoqala namuhla ngo-12 emini.
Abambene ngo 1-1 njengoba ama-Proteas anqoba umdlalo wokuqala nge-innings nama-run angu-12 e-Lord's Cricket Ground, ngaphambi kokuthi iqembu lasekhaya lithathe owesibili nge-innings nama-run angu-82 e-Old Trafford Cricket Ground.
Kowokuqala ama-Proteas abhetha kanye kuphela kanti umdlali owathola ama-run amaningi kwaba ngu-Sarel Erwee, owashaya angu-73.
Emdlalweni wesibili kwagqama uKagiso Rabada ngama-run angu-36 kwi-innings yokuqala, kweyesibili kwaba nguyena u-Petersen ngangu-42.
Lo mdlali uthe kusobala ukuthi abadlali ababhethayo yibona okumele babhukule ukuze basekele umsebenzi omuhle owenziwa abashwibi.
“Ngicabanga ukuthi kucace bha ukuthi thina esibhetha kuqala kufanele sishaye ama-run angu-100 noma ngaphezulu umuntu ngamunye. Sekunesikhathi sihluleka ukukwenza lokho, sitakulwa yilabo ababhetha ngemuva kwethu,” kusho uPetersen.
"Kumele sikhuphule izinga sishayele iqembu ama-run, lokho kuwumthwalo wethu. Inkinga ukuthi siqala kahle bese siphuma kalula.
“Izimo esidlale ngaphansi kwazo bezibavuna abashwibayo kodwa singenza kangcono. Iqembu elizobhetha kahle kwi-innings yokuqala kungenzeka liphinde linqobe."
Nakuba ikhona ingcindezi ngaphambi kwalo mdlalo onguwafawafa, uPetersen uthe ngeke kubaphazamise lokho ngoba bayakwazi okumele bakwenze.
“Siphilela kona ukudlala imidlalo enzima futhi ezocacisa ukuthi yiliphi iqembu elizonqoba uchungechunge. Ngiyethemba ukuthi sizodlala izinsuku ezinhlanu ezigcwele ngoba yilokho abakufunayo abalandeli," usho kanje.
“Umdlalo ubhekwe ngabomvu futhi womabili amaqembu ayawudinga. Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omuhle.”
Womabili amaqembu alinyalelwe ngabadlali abamqoka. Owama-Proteas, u-Rassie van der Dussen, uphuke umunwe emdlalweni odlule, kanti u-Jonny Bairstow we-England ulimele emlenzeni ngesikhathi edlala igalofu.
AmaProteas asedlale imidlalo engu-15 e-The Oval , anqoba owodwa vo ngo-2012.