UNETHEMBA lokuthi uzobuya umshwibi, uKagiso Rabada, emdlalweni wokuqala we-test ne-England umqeqeshi weqembu lakuleli labesilisa lekhilikithi, uMark Boucher.
La maqembu azobhekana emdlalweni wokuqala wochungechunge lwemithathu eLord's Cricket Ground, eLondon, ozoqala ngoLwesithathu ngo-12 emini.
URabada wayengekho kowokugcina we-T20 bedlala nayo i-England ngenxa yokulimala eqakaleni. Akazange abonakale nakwemibili ye-T20 ne-Ireland nasemdlalweni wokungcweka wezinsuku ezine bebhekene ne-England Lions eCanterbury ngesonto eledlule.
“Ngiyethemba ukuthi uzobe esewumqemane. Isimo sakhe siyathembisa. Okukhathazayo ukuthi sekunesikhathi eside engadlali kodwa ungumdlali oqinile. Umzimba wakhe ubonakala usululeme kahle futhi akazizwa izinhlungu kakhulu,” kusho uBoucher.
“Sizophinde simhlole kodwa ngiyethemba ukuthi uzokwazi ukudlala. URabada ungumdlali obalulekile kithina njengoba sazi sonke, kungasho lukhulu uma engakwazi ukuba yingxenye yeqembu."
INingizimu Afrika ayikaze ihlulwe ochungechungeni lwama-test selokhu uDean Elgar aqokwa njengokaputeni ngoMashi nyakenye. Isiguqise i-India neBangladesh, yadlala ngokulingana neNew Zealand, nokuyibeke esicongweni kwi-ICC World Test Championship.
Nokho bazoqala lolu chungechunge bazi ukuthi badinga ukukhuphula amasokisi njengoba bebhaxatshulwe yiqembu elincane le-England, iLions, nge-innings nama-run angu-54 kowokuzilungiselela.
EzikaBoucher zizobhekana neqembu lase-England elizobe lihlose ukuqhubeka nomgqigqo walo ngemuva kokunqoba imidlalo emine ilandelana libhekene neNew Zealand ne-India.
Leli qembu, elicijwa yinkakha yaseNew Zealand, uBrendon McCullum, likhombise ukudlondlobala ezinyangeni ezimbili ezedlule.
"Kufanele sihambisane nezimo esizobhekana nazo emdlalweni we-test. Sizozama ukwehlisa umfutho wabo nokushintsha indlela abahlose ukudlala ngayo," kuqhuba uBoucher.
"Sikholwa wukuthi sidlala uhlobo oluhle lwekhilikithi futhi sesidlule emidlalweni enzima, sanqoba. Kumele sikhombise ubuhlakani, sibafake ngaphansi kwengcindezi kodwa konke kumele sikwenze ngokuhlakanipha.
“Okubalulekile ukuthi sithathe izinqumo eziphusile ngezikhathi ezibucayi zomdlalo, ne-England izozama ukwenza okufanayo. Inesitayela sayo okufanele simelane naso futhi sizame ukusiphazamisa."
AmaProteas abheke ukugcina irekhodi elihle eLord’s, okuyinkundla ebizwa ngekhaya lekhilikithi, ngenxa yokuthi ine-museum eqhakambisa lo mdlalo endala kunazo zonke emhlabeni.
Kusukela abuyela kwikhilikithi yamazwe ngo-1992, asedlale imidlalo eyisithupha kule nkundla, anqoba emine, ahlulwa kowodwa, adlala ngokulingana kowodwa.
Umdlalo wesibili uzodlalelwa e-Old Trafford Cricket Ground ngaphambi kokuthi lolu chungechunge luphothulwe eThe Oval.