Sithembiso Mkhize
KWENZEKE ingqophamlando kwezejubane amakilabhu amabili afike kwezwakala kwezokugijima, i-Excel Running Club neBlack Diamond Athletics Club besayina isivumelwano sokusebenzisana.
Esithangamini sabezindaba ebesikwelinye lamahhotela ePinetown, kuvele ukuthi lamakilabhu asayine isivumelwano sokusebenzisana iminyaka emithathu.
IBlack Diamond ifike nabaxhasi bayo Ibhele Nabangani Consulting Engineers, okuyinkampani yonjiniyela eyakha imigwaqo namabhuloho.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngisho ngumengameli weKwaZulu-Natal Athlets (KZNA), uSteve Mkasi nezikhulu zamanye amakilabhu kulesi sifundazwe.
Echaza ngalobu budlelwano uMandla Mngomezulu oyimenenja ye-Excel okugijima ngaphansi kwayo izinyamazane ezifana noZinhle Shabalala oyingqwele yeDurban International Marathon.
Abanye nguSibusiso Kubheka owaphuma isikhombisa kuma-ASA Half Marathon Championships nyakenye nouveze ukuthi yiBlack Diamond eze kubona nomqondo wokusebenzisana.
"Kuyasijabulisa ukuthi imisebenzi yethu emihle bayayibona nabanye abantu. Kangingabazi ukuthi lobu budlelwane buzoza nezinto ezinhle," kusho uMngomezulu.
“Inhlosongqangi yalokhu kuhlangana wukuthatha ezokusubatha sizibeke ezingeni eliphezulu kulesi sifundazwe.
“Okunye esikuthandile wukuthi iBlack Diamond ifike nesikhondlakhondla senkampani esizoxhasa womabili amakilabhu.
“Okunye engithanda ukukuveza wukuthi kasizogcina ngokusebenzisana neBlack Diamond, sisazoya ezindaweni zasemakhaya, sihlangane namakilabhu akhona.“
UMbongiseni Ndlela, ongunobhala weBlack Diamond, uthe:
“Ngokuhlangana ne-Excel kasingabazi ukuthi lizofezeka iphupho lethu lokuvundulula amakhono yonke indawo siphinde sipholishe neselikhona.
“Kasizugcina ngokucija ikhono labagijimi kodwa sizobafundisa nezinto ezifana nokuthi kukhulunywa kanjani nabezindaba, ukonga imali nokunye.
“Kumele bazi abasubathi bethu ukuthi ezemidlalo zinekusasa elifushane. Engikuthandile ngalobu budlelwano wukuthi womabili amakilabhu aqhakambisa ezemfundo".
USiphiwe Ntuli oyintokazi engumsunguli we-Ibhele Namabhela Consulting Engineers, uthe:
“Kuyintokozo ukufaka isandla ekuthuthukiseni ezokusubatha KwaZulu-Natal. Engikuqaphelile wukuthi lo mdlalo kawunakiwe, akunabaxhasi.
“Iningi labagijimi liphuma ezindaweni ezihlwempu. Okunye iningi labagijimi kalisebenzi liziphilisa ngakho ukugijima.
“Kangingabazi ukuthi lobu budlelwano buzothela okuhle kodwa. Ngilwenzile ucwaningo nge-Excel, iyikilabhu ehlelekile.
“Kulo nyaka ngilindele okuhle kodwa kubagijimi bethu".
Abanye abaxhasi balamakilabhu abamenyezeliwe yi-32Gi, okuyinkampani ekhiqaza izikhuthazamzimba ezivumelekile kwezemidlalo.