KUSINDA kwehlela enhlanganweni eyengamele ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA) ngemuva kokushiya kwabaholi abamqoka.
Umengameli wale nhlangano, uChris Nenzani, wesule isigubhukane ngempelasonto ngemuva kwezinxushunxushu zangaphakathi.
Kubalulekile nokho ukukuveza ukuthi ibivele izophela inkontileka kaNenzani ngenyanga ezayo.
UBeresford Williams nguyena ozobamba isikhashana kuze kube nguSepthemba 5 sekukhethwa umengameli omusha.
Kuthe kusabatshazwa lokho, uJacques Faul, obeyisikhulu esiphezulu, naye washiya phansi singakafiki isikhathi yize inkontileka yakhe kade iphela ngoSepthemba 15.
“UFaul ushiye eyicebisile iCSA ngokuthi yikuphi okumele ikulandele uma isiqasha ozothatha isikhundla sakhe,” kusho isitatimende seCSA.
Kwabanye abasanda kuchithwa yiCSA, singabala uNaasei Appiah naye obeyisikhulu esiphezulu noClive Eksteen obekwezokukhangisa.
Akucaci ngekusasa lesinye sezikhulu uThabang Moroe naye oke wamiswa esolwa ngezinto ezahlukene kodwa bungekho ubufakazi obubambekayo ngokwenza kwakhe okubi.
Imibiko engaqinisekisiwe ithi uMoroe, uhola imali elinganiselwa kuR300 000 ngenyanga nabeyihola yize kade esezijikela nelanga ekhaya izinyanga eziyisithupha.
Umkhankaso owaziwa ngeBlack Lives Matter (BLM), yiwona obonakala ufuna ukuqeda nya ngale nhlangano njengoba sekuvele amanyundululu abefihliwe iminyaka lapho abadlali abamnyama bebecwaswa ngokwebala, bengawatholi amathuba afana nawabamhlophe.
Abathandi bekhilikithi abawuvali umlomo kulezi zinsuku ngemuva kokuphumela obala kukaThami Tsolekile obengumdlali wamaProteas eminyakeni edlule owatholakala enecala lokudayisa imidlalo wajeziswa ngokungazimbandakanyi nekhilikithi iminyaka engu-12.
UTsolekile uveze ubugovu nonya akuthole ngesikhathi ejeziswa yiCSA, wakhomba ngenjumbane abanye babaholi abasola ngokumbophela amanqina enyathi.
Akuyena yedwa uTsolekile ophumele obala ngokungagculiseki ngezenzo zeCSA, baningi abanye abadlali asebephumele obala. Lokhu kuphoqe ukuthi iCSA ibize umhlangano nabadlali abathintekayo.
Kugcine kuthathwe isinqumo sokuthi kusungulwe ihhovisi likamehluleli ozimele elizobhekana ngqo nezinkinga zabadlali, ukuze babe nendawo lapho bezobika khona, bengafeli ngaphakathi.
Umehluleli ozimele kulindeleke ukuthi akhethwe ngenyanga ezayo.