OMPETHA bomhlaba embhoxweni, amaBhokobhoko, babhekene nenselelo yokuqeda izwaca lokuhluleka wukushaya i-Australia ekhaya.
NgoMqgibelo (kusasa) emdlalweni oseSuncorp Stadium novozwa bukhoma ngo-9.50 ekuseni eMzansi, amaBhokobhoko aya enkundleni agcine ukunqoba kuyo ngo-2014.
Kule nkundla amaWallabies anerekhodi lokungehlulwa eminyakeni emihlanu ilandelana. Anemidlalo eyisishiyagalolunye kule nkundla kule minyaka emihlanu.
Indlela ongemughle ngayo umlando wamaBhokobhoko e-Australia, ngisho nawango-2009 ayihlafuna kwasani oluvuka phambi kwawo afika agoba eBrisbane ngaphambi kokuya eWellington, eNew Zealand eyosobozela i-All Blacks aqukule nesicoco seRugby Championship.
Nesikwati sikaRassie Erasmus sango-2018 sase sikwelinye igiya kodwa safika e-Australia sakhala ngaphansi ngaphambi kokuwelela eNew Zealand anquma i-All Blacks ebingompetha bomhlaba ngaleso sikhathi.
AmaBhokobhoko akhona njengamanje nawo asenze ezibukwayo. Anqobe iRugby World Cup ngemuva kokuhlulwa umdlalo wawo wokuqala nokuyinto efayano nakumjikelezo wamaLions kamuva.
Abeqala amaBoks ukudlala phambili kwabalandeli kusukela enqobe iWorld Cup ngoNovemba 2019.
Akubuzwa-ke ukuthi kuzophinde kubacindeze ukudlala phambi kwabalandeli bamaWallabies.
Siboshelwe kanje isikwati samaBhokobhoko:
Willie le Roux, Sbu Nkosi, Lukhanyo Am, Damian de Allende, Makazole Mapimpi, Handre Pollard, Faf de Klerk, Duane Vermeulen, Franco Mostert, Siya Kolisi (captain), Marvin Orie, Eben Etzebeth, Frans Malherbe, Bongi Mbonambi, Trevor Nyakane.
Ebhentshini:
Malcolm Marx, Steven Kitshoff, Vincent Koch, Marco van Staden, Kwagga Smith, Jasper Wiese, Herschel Jantjies, Damian Willemse.