UMA amaBhokobhoko egcina ngokudlala kwiRugby Championship yakulo nyaka egcine ihlehlele ngasekupheleni nezoba seNew Zealand, azovunyelwa ukusebenzisa bonke abadlali bawo abazinze phesheya.
Lezo kube yizindaba ezimnandi eziphume emhlanganweni weWorld Rugby nokuvunyelwene kuwo ngezinhlelo zesibambiso ezibizwe ngeRegulation 9 ezisingatha udaba lokukhululwa kwabadlali abazinze phesheya ekhalandeni elibuyekeziwe.
Lokhu kungenxa yokumiswa kombhoxo emhlabeni wonke ngenxa yeCovid-19.
Umqeqeshi omusha wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, ngaleyo ndlela uzovunyelwa ukuqoka kwabanye abadlali izilomo ezinjengo Vincent Koch, Eben Etzebeth, RG Snyman, Lood de Jager, Franco Mostert, Faf de Klerk, Handre Pollard, Damian de Allende, Cheslin Kolbe noWillie le Roux.
Bonke laba badlala phesheya kanti bebeyingxenye enkulu esikwatini esinqobe i-2019 Rugby World Cup ngoNovemba.
“Ukubuyekezwa kwemigomo sekugxiviziwe okwesikhashana ukuzama ukumelana nomthelela weCovid-19 ezinhlelweni zombhoxo womhlaba.
“Kuzoza nokugcwalisa okuhle kubadlali, amaqembu, abalandeli nezinhlangano zezokusakaza nabanye abaxhasi bemali,” kusho isitatimende seWorld Rugby.
Iwindi lokudedelwa kwabadlali elisaqinisekiswe yiWorld Rugby, liqala ngo-Okthoba 24 kuya esontweni lokuqala likaDisemba.
IRugby Championship kumele iqale ngoNovemba 7 kuya esontweni lesibili likaDisemba.
Leli windi lizosingatha iSix Nations yabesilisa neyeabsifazane kusuka ngo-Okthoba 24 kuya ku-31, kuphunyulwe ngoNovemba 7 bese kudlalwa iziwombe ezilandelanayo ngemuva kwalokho.