UKHETHE ukuqhubeka neqembu elanqoba emdlalweni wokugcina ne-Australia kolandelayo weRugby Championship ne-Argentina, umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
Abadlali abangu-15 abaqala ngesikhathi iqembu lakuleli lithela phansi iWallabies ngo 24-8 eSydney baphinde banikezwa ithuba lokubhekana nePumas ngoMgqibelo.
Umdlalo uzoqala ngo-9:10 ebusuku, ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika, e-Estadio Libertadores De America eBuenos Aires.
Yize zingekho izinguquko ezenziwe eqenjini elizoqala umdlalo, uNienaber ufake abadlali abathathu abasha ebhentshini, ngenhloso yokunika abanye ithuba lokugijima enkundleni.
U-Elrigh Louw uzongena endaweni kaDuane Vermeulen, uFaf de Klerk uzovala isikhala sikaCobus Reinach, u-Andre Esterhuizen athathe indawo kaWarrick Gelant.
“Sibe nenhlanhla kuleli sonto njengoba kungalimalanga muntu, okusivumele ukuthi sikhethe iqembu eliqale umdlalo wethu wokugcina,” kusho u-Nienaber.
“Sinomuzwa futhi wokuthi leli yiqembu elizosinikeza esikudingayo uma sesibhekene ne-Argentina. Ukunqoba kwethu okokuqala e-Australia kusukela ngo-2013 kusenze sazethemba kakhulu, angingabazi ukuthi abadlali bazongena bezethemba kulo mdlalo.
“Noma kunjalo silindele impi enzima njengoba sizotholana phezulu ne-Argentina phambi kwabalandeli bayo. Sesibonile phambilini ukuthi bazethemba kangakanani uma bedlalela ekhaya."
Akukaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngesicoco seRugby Championship njengoba womane amaqembu asenethuba lokuqeda esicongweni. Iqembu ngalinye lisalelwe yimidlalo emibili.
INew Zealand iqhwakele ngamaphuzu angu-10, kanti amaBhokobhoko, i-Australia ne-Argentina babambene ngamaphuzu ayisishiyagalolunye iqembu ngalinye.
Njengoba lingekho iqembu elisanqobe imbangi eyodwa kabili, kusenzima ukusho ukuthi yiliphi iqembu elizogcina lidle umhlanganiso.
Inyamazane yamaBhokobhoko uMakazole Mapimpi, oshaye i-try ngesikhathi benqoba amaWallabies.
“Kube yinto enhle ukuthi sikwazi ukwenza esikuthokozelayo, ikakhulukazi ukushaya ama-try uma sithola amathuba. Kusijabulisile njengeqembu ukuvuka emdlalweni odlule futhi mina ngihlabeke umxhwele ngokuthi ngibe ngomunye wabashaye ama-try,” kusho uMapimpi.
“Kubalulekile ukusebenzisa amathuba ethu futhi kumele siqhubeke sikwenze emdlalweni olandelayo.
“I-Argentina iyiqembu elihle elinabadlali abasezingeni eliphezulu futhi banabadlali abanamava. Siyazi ukuthi kunzima kangakanani ukudlala nama-All Blacks kodwa sibonile i-Argentina iwathela phansi emdlalweni wabo wokuqala. Sikubheke ngabomvu ukudlala nePumas.”
Njengoba amaBoks evuke azithatha emdlalweni wawo wokugcina, i-Argentina nayo izobe ifuna ukwenza okufanayo ngemuva kokubhuquziswa yiNew Zealand ngo 53-3 kowayo wokugcina.
I-Australia neNew Zealand bazohlangana okokuqala kulo mqhudelwano kule sizini eMarvel Stadium eDocklands ngoLwesine ekuseni ngo-11:45.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Argentina:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10 Damian Willemse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Franco Mostert, 6 Siyamthanda Kolisi (ukaputeni), 5 Lodewyk de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Malcolm Marx, 1 Steven Kitshoff.
Abasebentshini: 16 Deon Fourie, 17 Retshegofaditswe Nche, 18 Trevor Nyakane, 19 Elrigh Louw, 20 Albertus Smith, 21 Francois de Klerk, 22 Andre Esterhuizen, 23 Francois Steyn.