KUQINA amathuba okuthi amaBhokobhoko abhale kabusha umlando uma esehlangana ne-All Blacks kwiFreedom Cup engumlenze wesibili phakathi kwabo kwi-2022 Rugby Championship.
Lo mdlalo use-Emirates Airlines Park, eGoli namuhla ngu-5.05 ntambama.
Muningi umlando amaBhokobhoko azobe ejaha ukuwubhala kabusha namuhla;
Okokuqala - uma enqoba noma edlala ngokulingana namuhla, azobuyisa ekhaya iFreedom Cup eselokhu yaba sezandleni zeNew Zealand kusuka ngo-2010.
AmaBhokobhoko, le nkomishi eqale ukubangwa ngo-2004, ayigcine ngo-2009.
Okwesibili - Uma enqoba amaBhokobhoko azophinda futhi akugcine ngo-2009, ukuhlula ama-All Blacks kathathu kulandela.
Ngo-2009 amaBhokobhoko anqobe eBoemfontein (28-19), eThekwini (31-19) ase eyibacoboshisa ngakubo eHamilton (32-29).
Okuqinisa amathuba okuthi nebala uqopheke lo mlando, wukuthi kuzobe kungokokuqala kusuka ngoNovemba 2019 amaBhokobhoko enqoba iWorld Cup e-England ukuthi ukaputeni uSiya Kolisi afolose odongeni lwamaloose forward nezigansonso uPieter-Steph Du Toit noDuane Vermuelen.
Laba ababili uKolisi udlalile nabo nakumaStormers kodwa ngemuva kweWorld Cup balimalile ngokwehlukana.
“Bengingayazi nakuyazi-ke mina leyo yokuthi sekunesikhathi eside sagcina ukudlala ndawonye. Bengithi sesike sadlala kodwa sengiyabona. Lokho akuzushintsha indlela engizodlala ngayo, ngizohubeka nje,” kusho uKolisi.
“UDuane ubuyile futhi uyohlezi enguye nje ngale ndlela yakhe kanti uPietie yena ungazuthi akaze aye ndawo.”
UKolisi uthi okumqoka wukulungela iRugby World Cup eseFrance ngonyaka ozayo.
“Okumqoka wumgqigqo. Vele okumqoka emakhanda wukubumbela iWorld Cup kodwa ufuna ukuthi ubumba isikwati usabalalisa kube kuhambisana nokunqoba imidlalo,” kusho uKolisi.
“Okungijabulisa kakhulu wukuthi neqembu labesifazane lidlala kuqala ukunathi ngo-1 emini. Sengathi abantu bengasheshe bafike kulowo mdlalo khona bezifudumala ngawo.
“Ngiyajabula ukuthi umbhoxo wabesifazane usuyathuthuka. Sengathi ungaqhubeka ngamandla.”
AmaSpringbok Women, aholwa nguNolusindiso Booi, adlala neSpain namuhla kanti ngele dlule amboze iJapan.