WENZE izinguquko ezimbili kuphela eqenjini elizoqala umdlalo onguwafawafa we-Rugby Championship ne-Argentina ngoMgqibelo, umqeqeshi wamaBhokobhoko, u-Jacques Nienaber.
Lo mdlalo ongowokugcina kulo mqhudelwano kule sizini uzoqala ngo-5:05 ntambama eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini.
UFrans Steyn uzovala isikhala sikaDamian Willemse olimele kwi-flyhalf, uPieter-Steph du Toit uthathe indawo kaFranco Mostert, osezoqala ebhentshini.
UKurt-Lee Arendse uphinde wabizelwa eqenjini lesizwe njengoba esevumelekile ukudlala kulandela ukumiswa kwakhe okwesikhashana. UBongi Mbonambi oyi-hooker naye uzowuqala ebhentshini lo mdlalo ngenxa yokuthi useluleme ngemuva kokulimala edolweni.
“Sikhombisile esiwombeni sokuqala ngesonto eledlule ukuthi yini esingayenza futhi sakwazi nokuvuka sekunzima emizuzwini yokugcina. Lokho kwenze kwaba lula ukuthi siqhubeke neningi labadlali abebekhona," kuchaza uNienaber.
“Siphoqeleke ukuthi sishintshe uDamian Willemse owalimala ekhanda kodwa yasithokozisa indlela uSteyn afike adlala ngayo ngesikhathi engena esikhaleni sakhe ngoMgqibelo.
“Amandla nomdlandla kaPieter-Steph bekuphezulu kakhulu ejimini, ungumdlali onamava futhi nginesiqiniseko sokuthi uzoletha umehluko kubadlali bethu baphambili.”
AmaBhokobhoko abambene ngamaphuzu angu-14 neNew Zealand eqhwakele kwi-log. I-Australia isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-10 kanti i-Argentina isemsileni ngayisishiyagalolunye.
Njengoba ama-All Blacks namaWallabies ezodudulana e-Eden Park, eNew Zealand, ngo-9:05 ekuseni ngoMgqibelo, amaBoks azongena enkundleni ntambama esekwazi kahle okumele akwenze ukuze anqobe isicoco.
“Siyazi ukuthi i-Argentina izofika naziphi izinselelo futhi sinomuzwa wokuthi leli yiqembu eliwufanele lo mdlalo. Sinabadlali abalambele impumelelo nabanekhono ebhentshini kuleli sonto. Bonke bayazi ukuthi yini elindeleke kubo uma sifuna ukunqoba iRugby Championship,” kusho uNienaber.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Argentina
Abazoqala: 15. Willie Le Roux, 14. Canan Moodie, 13. Jesse Kril, 12. Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10. Frans Steyn, 9 Jaden Hendrikse, 8. Jasper Wiese, 7. Pieter-Steph du Toit, 6. Siya Kolisi, 5. Lood de Jager, 4. Eben Etzebeth, . Frans Malherbe, 2 Malcolm Marx, 1. Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16. Bongi Mbonambi, 17. Ox Nche, 18. Vincent Koch, 19. Franco Mostert, 20. Duane Vermeulen, 21. Kwagga Smith, 22. Faf de Klerk, 23. Kurt-Lee Arendse.