IQEMBU lesizwe lakuleli lombhoxo leSevens lizimisele ngokwenza okungcono emqhudelwaneni wesibili wesizini ka-2022/2023 yeWorld Sevens Series ozoqala ngoLwesihlanu eDubai, ngokusho komqeqeshi walo, uSandile Ngcobo.
Lo mqeqeshi, othathe izintambo kuNeil Powell, oshiye isikhundla ngemuva kweNdebe yoMhlaba ngoSepthemba wayojoyina iCell C Sharks, uthole ithuba lokuqala lokuhola leli qembu emqhudelwaneni wokuvula isizini obuseHong Kong ekuqaleni kwenyanga edlule.
Akubanga yisiqalo esihle kuyena neqembu lakhe njengoba laqeda endaweni yesikhombisa kulowo mqhudelwano. Isicoco sathathwa yi-Australia.
Nokho ulindele ukuthi babuye nokungcono eDubai kule mpelasonto, ikakhulukazi njengoba kuyindawo abajwele ukwenza kahle kuyona.
Ngasekuqaleni kwesizini edlule amaBlitzbokke ayinqoba yomibili imiqhudelwano eyayibanjelwe eDubai ngoNovemba nangoDisemba.
UNgcobo ulande abadlali abasha, uMasande Mtshali noRicardo Duarttee, kodwa basekhona nalaba abebewumgogodla weqembu kumasizini ambalwa edlule.
UZain Davids, Muller Du Plessis noJames Murphy babuyile ngemuva kokungabizwa eHong Kong ngenxa yokulimala. Abazobe bengekho kulokhu nguRonald Brown, Selvyn Davids noMfundo Ndhlovu, abasathintekile.
“Kuyajabulisa ukubuya kukaZain, uJames noMuller ngoba bazofika nomfutho ngemuva kokungadlali eHong Kong. Bangabadlali asebeke badla isicoco seWorld Series futhi ukuba khona kwabo kuzosisiza sidlale ngendlela esiyifunayo," kusho uNgcobo.
“Leli qembu lihluke kakhulu kunaleli elidlale eHong Kong kodwa ngiyazi ukuthi siwulungiselele kahle lo mqhudelwano.”
IBlitzbokke izodlala eyamaqoqo kuPool A lapho izobhekana neGreat Britain kowokuqala ngoLwesihlanu ngo-9:34 ekuseni, idlale neKenya ngo-1:20 emini bese ibhekana ne-Australia ngo-6:33 ntambama.
“Iqoqo lethu linzima. Uma sidlala neKenya kuba yimpi yamazwe amabili ase-Afrika anamandla, iGreat Britain yasishaya eHong Kong kanti i-Australia yaba ngompetha kulo leli lizwe,” kuqhuba uNgcobo.
"Sifuna ukubuyela ezingeni lethu elijwayelekile ngakho-ke kuzofanele sithembe izinhlelo zethu futhi sibambelele kuzona ukuze siphumelele."
Iqembu lakuleli labesifazane leSevens nalo libambe iqhaza eDubai kule mpelasonto. IMbokodo idlale emibili yamaqoqo ngoLwesithathu ibhekene neFrance Development neKenya. Izodlala owokugcina neTunisia ngoLwesihlanu ngo-1 emini.
Umqhudelwano ozolandela owaseDubai uzobanjelwa eKapa kusukela ngoDisemba 9 kuya ku-11.
Ukaputeni wamaBlitzbokke, uSiviwe Soyizwapi, uthe:
“Kuyajabulisa ukuthi lo mqhudelwano ufike ngokushesha ngemuva kokwenzeke eHong Kong. Sihlanganile sakhuluma ngezinto ezingahambanga kahle nokuthi zingalungiswa kanjani. Siyazi ukuthi asikafiki ezingeni. Siziphoxile, saphoxa nabalandeli bethu futhi kubuhlungu. Okuhle wukuthi sinelinye ithuba lokulungisa izinto."
Iqembu labesilisa leSpringbok Sevens elizodlala eDubai:
Siviwe Soyizwapi (ukaputeni), Ryan Oosthuizen, Impi Visser, Zain Davids, James Murphy, JC Pretorius, Masande Mtshali, Branco du Pree, Dewald Human, Shilton van Wyk, Dalvon Blood, Muller du Plessis, Ricardo Duarttee.