LESULE izinyembezi zango-2018, iqembu lakuleli labesilisa lombhoxo le-Sevens ngesikhathi lithola izindondo zegolide kumaCommonwealth Games eBirmingham, ngeSonto ebusuku, liguqisa iFiji ngo-31-7.
Ngemuva kokunqoba yonke imidlalo yamaqoqo ngokugculisayo zidla iMalaysia, Tonga neScotland, ezikaNeil Powell, zibhaxabule iCanada ngo-33-0 kuma-quarterfinal, zakhipha i-Australia ngo-24-12 kowandulela owamanqamu.
Bezihamba zodwa embangweni wegolide zagcina zishaye ama-try amahlanu, iFiji yaphendula ngeyodwa kuphela.
"Sijabule ngoba sizinikele ngokuphelele kulo mdlalo. Sonke sijabule ngendlela esidlale ngayo sibhekene neqembu eliyingozi njengeFiji," kusho uZain Davids obehola amaBlitzbokke kowamanqamu kulandela ukulimala kukakaputeni uSiviwe Soyizwaphi.
"Ngicabanga ukuthi ngenze kahle futhi neqembu langeseka. USiya ulimalile kwadingeka ngihole iqembu kodwa kuhambe kahle ngoba besibambisene kahle nabo bonke ozakwethu."
Ababhukudi bakuleli baphinde baphonsa ezinye izindondo emgodleni ngeSonto ebusuku, bengeza kwezimbili zegolide abazithola ngoMgqibelo.
U-Tatjana Schoenmaker unqobe igolide emjahweni wabesifazane we-breastroke ka-200m eqeda ngo-2:21.92, kwathi uKaylene Corbett wathatha ithusi emjahweni ofanayo.
Inkakha, uChad le Clos, ithole isiliva kwi-butterfly yabesilisa ebangeni lika-200m. Isiqoqe izindondo ezingu-18 uma kuhlanganiswa zonke eyake yazithola kumaCommonwealth Games ehlukene, okuyenza ibe ngenye yabanezindondo eziningi kule midlalo.
“Ngijabule ngokuba ngomunye wabanezindondo eziningi emlandweni wamaCommonwealth, ngeke ngikwazi ukukhononda impela. Ngiphoxekile ngokuthi angizange ngilithole igolide ngoba bengizethemba kulo mjaho,” kusho uLe Clos.
"Ngizophinde ngizame emjahweni ka-100m. Yize nginokudumala ngokungabuyi negolide kodwa ngisaziqhenya. Ngesikhathi ngiqala ukungenela amaCommonwealth eminyakeni engu-12 eyedlule, ngangingazitsheli ukuthi ngizofika lapho ngikhona namuhla."
Ababhukudi bakuleli bazolwela ezinye izindondo ngoMsombuluko ebusuku, njengoba abafana noRebecca Meder, Christian Sadie, Pieter Coetze no-Erin Gallagher, bezobamba iqhaza kweyamanqamu. ULe Clos ukwazile ukuzibekisela indawo kweyandulela owamanqamu ku-butterfly ku-100m.
Khonamanjalo: Iqembu le-netball lidlulise indumalo yokuhlulwa yiJamaica emdlalweni walo wokuqala ngokubhudluzwa iBarbados ngo91-36. EzikaDorette Badenhorst zizobhekana ne-Australia ngoMsombuluko ntambama, ngaphambi kokuthi zidlale eminye yamaqoqo neWales neScotland.
AmaProteas asendaweni yesithathu kuGroup A ngemuva kwe-Australia ne-Jamaica. Mabili kuphela amaqembu azodlulela kweyandulela owamanqamu eqoqweni ngalinye.