XOLILE MPISANE
LINQOBE enye indebe iqembu lakuleli lombhoxo esigabeni samaSevens, amaBlitzbokke, lidla umhlanganiso kwi-Edmonton Sevens eCanada, ngoMsombuluko ekuseni.
Ukaputeni uSiviwe Soyizwapi noMuller du Plessis bashaye ama-try amabili ngamunye kowamanqamu amaBlitzbokke edla iGreat Britain ngo-26-12.
Iqembu likaNeil Powell linqobe iMexico, Hong Kong neCanada kweyamaqoqo, ladlula kwiHong Kong kuma-quarterfinal, ladla iKenya kowandulela owamanqamu.
Ngokunqoba lo mqhudelwano libe ngompetha beWorld Sevens Series efingqiwe ngenxa yobhubhane iCovid 19.
Ngempelasonto eyedlule, amaBlitzbokke anqobe isicoco saseVancouver, ehlula iKenya kowamanqamu.
Uma sekuhlanganiswe amaphuzu, elakuleli ligcine liqede esicongweni ngamaphuzu angu-40, lalandelwa yiGreat Britain neKenya, abahlanganise amaphuzu angu-34 ngamunye.
Imiqhudelwano yaseSingapore, eKapa naseHong Kong igcine ihoxisiwe ngenxa yemigomo yezokuvakasha ebhekene nokugwema ukubhebhetheka kwe-Covid 19, ikakhulukazi uhlobo lweDelta.
Umncintiswano waseDubai usuzoba yingxenye yochungechunge luka-2022.
INingizimu Afrika inqoba nje, bekunamaqembu asatshwayo angalubadanga emidlalweni ebiseCanada njengeFiji, i-Australia neNew Zealand.
"Sibe namasonto amabili amangalisayo," kusho iqhawe lamaBlitzbokke uDu Plessis, oqokwe njengomdlali ovelele kowamanqamu.
"Size lapha ngenhloso yokudlala ngokubambisana futhi sigxile ezinhlelweni zethu.
"Sikwenzile lokho futhi sisazoqhubeka nokuthuthuka njengeqembu. Siyaziqhenya kakhulu ngalokhu esikuzuzile."
Isizini ka-2022 ye-World Sevens Series izoqala ngemilenze emibili ezobanjelwa eDubai. Abalandeli ngeke bavunyelwe emlenzeni wokuqala ozoba ngoNovemba 26 kuya ku-27 bazongeniswa emlenzeni wesibili ozoba ngoDisemba 3 kuya ku-4.