XOLILE MPSANE
KUTUSWA ubuqhawe beqembu lakuleli lombhoxo amaSevens, kule mpelasonto lidle isicoco sesibili eDubai, kwiWorld Sevens Series.
Umqeqeshi wamaBlitzbokke uNeil Powell, nokaputeni uSiviwe Soyizwapi, abawuvali umlomo ngeqembu eligubuzele i-Australia ngo 10-7 ngoMgqibelo ntambama, kowamanqamu eDubai.
Bekuyisicoco sesibili samaBlitzbokke kwisizini ka-2022 yeWorld Sevens Series, njengoba ngempelasonto edlule evule ngokuthatha isicoco khona eDubai.
I-Australia ibihamba phambili ngo-7-5 ngesikhathi kuyiwa ekhefini nge-try kaCorey Toole, elandelwe yi-conversion kaDietrich Roache. EyamaBlitzbokke ibekwe nguSoyizwapi kodwa i-coversion yaphuma eceleni.
Womabili amaqembu abenganikezani ithuba lokudlala ngesiwombe sesisibili, nokuholele ekutheni alahle ibhola. I-try esize amaBlitzbokke anqobe ishaywe nguJC Pretorius.
“Bekuyisonto elinzima kithina, eligcwele izinselelo ezehlukene ngenxa yokulimala kukaMuller du Plessis noRyan Oosthuizen,” kusho uPowell.
"Besihlose ukuletha uDewald Human no-Angelo Davids bazovala izikhala, ngeshwa asikwazanga ukukwenza lokho ngaphambi kokuba imingcele ivalwe."
AmaBlitzbokke abenabadlali abangu-11 kuphela, kwadingeka ukuthi nabaqeqeshi balekelele ejimini ukuze bakwazi ukuhlanganisa amaqembu amabili anabadlali abayisikhombisa nganxanye.
UPowell uthe uyaziqhenya kakhulu ngemizamo yabadlali bakhe nangendlela abamelane ngayo nezinselelo ababhekane nazo.
“Ngiyabancoma kakhulu abadlali ngokugxila emsebenzini obekumele siwenze. Asazi ukuthi kuzokwenzekani emiqhudelwaneni elandelayo.”
Abadlali beBlitzbokke bebehlengezela izinyembezi ekupheleni komdlalo wamanqamu, kanti uSoyizwapi ukholwa wukuthi konke abakuzuzile kuwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla.
“Ngibonga i-Australia ngomdlalo omuhle kodwa ngiyaziqhenya ngabafana bethu ngomzamo abawenzile,” kusho uSoyizwapi.
“Lona ngumvuzo wawo wonke umsebenzi esiwenzayo uma siziqeqesha ekhempini yethu eStellenbosch. Ubuqhawe yinto elindelwe kuwo wonke umdlali ogqoka leli jezi, leBlitzbokke."
AmaBlitzbokke asenqobe imidlalo ewu-24 ilandelana kanti kumanje aqhwakele kwilog yeWorld Series ngamaphuzu angu-44. I-Argentina isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-34, i-Australia kweyesithathu ngamaphuzu angu-32.
Imiqhudelwano emibili elandelayo yeWorld Series, izodlalelwa eSpain. Owokuqala uzobanjelwa eMalaga kusukela ngoJanuwari 21- 23, kuthi ngempelasonto elandelayo kulandele ozoba eSeville.
Iqembu lakuleli lizoqala kuPool A eMalaga, lapho liqhathwe ne-England, iFiji neScotland.