XOLILE MPISANE
LIKUSHIYE ngemuva ukuphoxeka kuma-Olympic abeseTokyo iqembu lakuleli lomdlalo wombhoxo wamaSevens, amaBlitzbokke elizoqala kwi-World Sevens Series kule mpelasonto.
Umlenze wokuqala walo mqhudelwano uzoba sedolobheni laseVancouver, eCanada. Uzoqala ngoMgqibelo uphele ngeSonto eBC Place.
Sekuphele izinyanga ezingu-18 lo mncintiswano wamiswa ngenxa ye-Covid 19. Umlenze wokugcina wawukhona eVancouver ngoMashi nyakenye.
AmaBlitzbokke abuya ehamba kancane eTokyo emuva kokuhluleka ukuthola indondo. Akhishwa yi-Argentina kuma-quarterfinal eqeda endaweni yesihlanu.
UMuller du Plessis wayengeyona ingxenye yeqembu lama-Olympic kodwa uthe ozakwabo sebeyidlulisile indaba yaseTokyo futhi sebebheke umqhudelwano omusha.
"Ngazilolonga neqembu elaya kuma-Olympic futhi ngiyazi ukuthi babezizwa kanjani emuva kwalowo mncintiswano.
"Sizimisele ukuthi siyiqale kahle le sizini futhi sidlale ngendlela eseqophelweni eliphezulu nokuyinto elindelekile kithina.
"Sinabadlali abasha eqenjini esibheke ukuthi balethe umfutho. Sijahe kabi ukubona ukuthi bazofika nani.
"Ngihlose ukusebenzisa amava ami ngilethe nomdlalo ohlukile eqenjini. Sonke sinomdlandla futhi sijahe kakhulu ukuthi sibuyele enkundleni sidlale umdlalo wama-Sevens futhi," kusho uDu Plessis.
AmaBlitzbokke kweyamaqoqo azoqala ku-Pool A lapho ezobhekana khona neMexico, Spain neKenya.
"Sonke siyakuthanda ukudlala eCanada futhi iVancouver enye yezindawo esizikhonze kakhulu. Kuhlukile kulo nyaka ngenxa yemigomo ye-Covid 19 nokuthi siyahlolwa kaningi.
"Kuyinto enkulu ukugqoka leli jezi nokumela izwe ngokubambisana nozakwethu. Akusoze kwashintsha lokho. Siyazi esihlose ukukuzuza futhi siwubheke ngabomvu lo mqhudelwano emuva kwesikhathi eside kangaka singadlali ," kuqhuba uDu Plessis.
Iqembu lamaBlitzbokke eliseCanada: Siviwe Siyizwapi (ukaputeni), Christie Grobbelaar, Ryan Oosthuizen, Sako Makata, Zain Davids, Angelo Davids, JC Pretorius, Ronaldo Brown, Shaun Williams, Darren Adonis, Dewald Human, Muller du Plessis, James Murphy.