UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, usigcinile isithembiso sakhe sokubanikeza ithuba lokuzibonakalisa abadlali abenze kahle emaqenjini abo. Ufake abayisithupha abangakaze badlale eqenjini lesizwe, elizodudulana neWales ngoMgqibelo.
Amaqembu azotholana phezulu ngoMgqibelo ngo-5 ntambama eToyota Stadium, eBloemfontein.
AmaBhokobhoko ahamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu ngemuva kokunqoba ngo 32-29 emdlalweni wokuqala ngempelasonto edlule eLoftus Versfeld, eTshwane.
Abadlali ababili abasha, uKurt-Lee Arendse no-Evan Roos, bazowuqala umdlalo kanti uNtuthuko Mchunu, Ruan Nortje, Deon Fourie noGrant Williams bazoqala ebhentshini. Bane kuphela abebekhona emdlalweni wokuqala abafakiwe eqenjini elizodlala kowesibili, u-Eben Etzebeth, Malcolm Marx, Vincent Koch noDamian Willemse.
“Sasho ukuthi sidinga ukunikeza abadlali bethu abasebancane futhi abanekhono ithuba lokukhombisa abangakwenza ezingeni lomhlaba kodwa sifuna nokunqoba imidlalo,” kusho uNienaber.
“Uma ubheka isibalo sabadlali abenze kahle emaqenjini abo nesalabo asebezinzile eqenjini lesizwe, kuyacaca ukuthi iqembu silithake kahle. Abanye sebeke baba yingxenye yamaBhokobhoko, abanye basha impela, silangazelele ukubona ukuthi bazokwenze njani ngoMgqibelo."
Njengoba ukaputeni, uSiya Kolisi engekho eqenjini, ezikaNienaber zizoholwa nguHandre Pollard eBloemfontein. Lo mqeqeshi uthe akangabazi ukuthi uPollard uzobenza ngobuqotho umsebenzi wakhe yize bezobhekana neqembu leWales, elizobe lilwela ukuziphindiselela.
“UHandre ungomunye wabadlali bethu abanamava futhi sekuphele iminyaka eminingi eyingxenye yethimba labaholi. Nginesiqiniseko sokuthi ngeke ahluleke ukwenza okulindeleke kuyena," kuqhuba uNienaber.
“IWales izongena nokuzethemba ngenxa yokuthi idlale kahle ngesonto eledlule futhi angingabazi ukuthi izobe ifuna ukuziphindiselela njengoba sayidla kabuhlungu umdlalo usuyophela. Silindele omunye umdlalo onzima ozodinga ukuthi sizimisele uqala uze uyophela."
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neWales eBloemfontein
Abazoqala: 15 Warrick Gelant, 14 Kurt Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Andre Esterhuizen, 11 Aphelele Fassi, 10 Handre Pollard (captain), 9 Jaden Henrikse, 8 Evan Roos, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Marcell Coetzee, 5 Marvin Orie, 4 Eben Etzebeth, 3 Trevor Nyakane, 2 Joseph Dweba, 1 Thomas du Toit.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Ntuthuko Mchunu, 18 Vincent Koch, 19 Ruan Nortje, 20 Rynhardt Elstadt, 21 Deon Fourie, 22 Grant Williams, 23 Damian Willemse.