ZIPHINDE zanda izinkinga zomqeqeshi wamaBhokobhoko, u-Jacques Nienaber, njengoba kunabadlali abamqoka abangeke babonakalae emdlalweni wesibili weRugby Championship ne-Australia, ngenxa yokulimala.
Bekulindelekile ukuthi iqembu lakuleli lingene emdlalweni olandelayo lizikhotha amanxeba ngemuva kokuguqiswa ngamaWallabies ngo 25-17 ngoMgqibelo odlule e-Adelaide. Kepha, ukulahlekelwa yizethenjwa sekwenze isimo saba sibi kakhulu.
Sekukhishwe uLukhanyo Am noHandre Pollard, eqenjini lesizwe babuyiselwa emaqenjini abo. Bobabili balimale emadolweni emdlalweni wokuqala futhi mancane amathuba okuthi babuye kwemibili yokugcina ne-Argentina.
U-Elton Jantjies, uzobe engekho naye ngenxa yokulimala esandleni kanti u-Pieter-Steph du Toit uthinteke edolweni. Laba badlali basesekhempini yamaBhokobhoko futhi kubhekwe ukuthi babuye emidlalweni emibili yokugcina.
“Kuhlale kuyishwa ukulahlekelwa abadlali abamqoka esikwatini kodwa lokhu kuvulela abanye abadlali ithuba lokuthi bangenele baveze abangakwenza kulezo zikhundla,” kusho uNienaber.
“Sesinabadlali abangu-32 ekhempini, u-Elton okulindeleke ukuthi alulame azodlala ne-Argentina kanti nabadlali abanjengo-Andre (Esterhuizen) Jesse (Kriel), noFrans (Steyn) bayakwazi ukudlala maphakathi. Sikholwa ukuthi sinabadlali abanele.
“Besivele sihlele ukunikeza inqwaba yabadlali abasesikwatini sethu amathuba ngoba sibheke kwiNdebe yoMhlaba ngakho-ke sizosebenzisa leli thuba ukuhlola ukuthi isikwati sethu siqine kangakanani.”
Sekukonke amaBhokobhoko ashintshe abadlali abayisishiyagalombili eqenjini elashaywa ngamaWallabies emdlalweni wokuqala.
UDamian Willemse uzosuka emuva kwi-fullback ayoyibamba kwi-flyhalf, u-Jesse Kriel adlale phakathi nendawo, bese kuthi uCanaan Moodie edlala ephikweni. UWillie le Roux uzothatha indawo kaWillemse kwi-fullback, u-Jaden Hendrikse angenele uFaf de Klerk kwi-scrumhalf.
Kubadlali abaphambili, uFranco Mostert noJasper Wiese bazoqala kwi-looseforward bese uSteven Kitshoff noMalcolm Marx bejoyina uFrans Malherbe phambili kwi-scrum.
“Sikhethe iqembu esicabanga ukuthi lizohamba phambili kulo mdlalo njengoba sinabadlali abaningi abalimele,” kusho uNienaber.
“Siwucubungilile umdlalo wethu wokuqala ne-Australia, okuphoxe kakhulu wukuthi besiwuphethe ezindaweni eziningi kodwa kube nzima ukukukhombisa lokho ngokwandisa amaphuzu ebhodini.
“Lo mdlalo olandelayo siwuthatha njengowafawafa njengoba kumele siwunqobe ukuze sibuyise amathemba okunqoba lo mqhudelwano.
“Sizenzele phansi emidlalweni emibili edlule futhi sizimisele ukulungisa lokho kuleli sonto,” kuphetha uNienaber.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Australia:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10 Damian Willemse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Franco Mostert, 6 Siyamthanda Kolisi (ukaputeni), 5 Lodewyk de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Malcolm Marx, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Deon Fourie, 17 Retshegofaditswe Nche, 18 Trevor Nyakane, 19 Albertus Smith, 20 Duane Vermeulen, 21 Jacobus Reinach, 22 Francois Steyn, 23 Warrick Gelant.