XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uthi kucacele wonke umuntu ukuthi abadlali balambele ukungena enkundleni njengoba ematasatasa kwikhempu eseBloemfontein.
Le khempu iqale emasontweni amabili edlule kanti abadlali bebelokhu betheleka ngokushiyana uma amaqembu abo eseqedile ukudlala emiqhudelwaneni eyehlukene.
AmaBhokobhoko agcina ukudlala i-test ngesikhathi ehlula i-England emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoNovemba 2019.
Abanye abadlali bake balithola ithuba lokugqoka ijezi leqembu lesizwe ngo-Okthoba nyakenye ngesikhathi beqhathwe bodwa emdlalweni owawubizwa nge-Springbok Green and Gold Showdown.
“Konke kuhamba kahle nabadlali abaningi sebefikile. Leli yisonto ngelibalulekile kakhulu kithina ngoba elokugcina esinalo lokubacija sibe singenawo umdlalo ngempelasonto,” kusho uNienaber.
“Ithuba lokuthi sibafake ngempela ejimini nabo bazimisele. Isona isikhathi sokuthi bonke bajwayele indlela esikhuluma ngayo kumaBhokobhoko nendlela esenza ngayo izinto enkundleni nangaphandle.
“Abanye banamava abasadingi ukukhunjuzwa okuningi kodwa bakhona nabanye abasadinga ukufundiswa. Bonke bajahe ukungena enkundleni ngoba akufani ukudlalela amaqembu abo nokudlalela iqembu lesizwe.”
Ngaphambi kokuthi amaBhokobhoko adlale ama-test abhekwe ngabovu, la ezotholana phezulu neBritish and Irish Lions ngoJulayi, azoqala ngokususa ulwembu ngemidlalo emibili ne-Georgia.
Owokuqala useLoftus Versfeld ePitoli ngoJulayi 2, owesibili uzodlalelwa e-Emirates Airline Park ngoJulayi 9.
U-Nienaber uthe mancane amathuba okuthi uCheslin Kolbe no-Rynhardt Elstadt bafike kusenesikhathi esanele sokuthi babhekane neGeorgia emdlalweni wokuqala.
Iqembu abalidlalelayo e-France, iToulouse, lizobhekana neLa Rochelle emdlalweni wamanqamu we-Top 14 kule mpelasonto.
“Ngaphandle kokuthi bazodlala kowamanqamu, okunye engikwaziyo ukuthi kumele bathole umjovo wesibili wokugomela i-Covid 19 ngeSonto. Lokho kuchaza ukuthi bangaze bafike kuleli ngoMsombuluko noma ngoLwesibili,” kuchaza uNienaber.
“Ngeke basithole isikhathi esanele sokuziqeqesha neqembu njengoba sizodlala ngoLwesihlanu ebusuku. Uma kwenzeka beshesha befika, sekuzoba isinqumo sekomiti elikhetha isikwati kodwa ngokubona kwami ngeke bawulungele umdlalo wokuqala.”
Kusuke umsindo ngesikhathi amaBulls ebhaxabulwa i-Benetton yase-Italy kowamanqamu we-Rainbow Cup ngoMgqibelo, kodwa uNienaber uthe lokho akuhlangene nendlela amaBhokobhoko azodlala ngayo namazwe ase-Europe.
“Ngeke ngiphawule kakhulu ngamaBulls nangendlela adlale ngayo ngoMgqibelo. Angazi ukuthi bebenaziphi izinhlelo. Ngiyethemba kodwa kucacile ukuthi liphakeme izinga lamaqembu ase-Europe,” kuqhuba uNienaber.
“Ngiyazi ngesikhathi kuvela ukuthi amaqembu akuleli aseyaphuma kwiSuper Rugby, aseyodlala namaqembu aseNyakatho (Europe), abanye abantu babona sengathi azofike azigwazele ibhece, kanti akunjalo. Eqenjini lamaBhokobhoko labadlali abawu-46, sinabawu-23 abagijima khona e-Europe. Sicabanga ukuthi kuzosisiza lokho ngoba sebezijwayele ezinye izitayela ezisetshenziswa khona. Kuzokwenza umehluko uma sesidlala namaLions.”