ABASUBATHI bakuleli basike iphethini kubabhukudi njengoba sebeqalile ukuqokelela izindondo kumaCommonwealth Games aseBirmingham, e-England.
U-Akani Simbine uthole indondo yesiliva ngokulala isibili emjahweni wabesilisa ka-100m ngo-10:13. Igolide lithathwe nguFerdinand Omanyala waseKenya ngo-10:02.
Bekungokwesibili u-Omanyala eshiya uSimbine njengoba enza kuma-African Championships ayeseMauritius ngoJuni.
Kulokhu ulandisile igebe njengoba eMauritius bobabili beqa umugqa ngesikhathi esingu-9.93, baze bahlukaniswa ngesithombe.
Enye indondo yesiliva itholwe nguCharl du Toit (29) ogijime imizuzwana engu-11:54 emjahweni wabesilisa ka-100m wabasubathi abaphila nokukhubazeka.
Lo mjaho ubuhlanganise abasubathi abanamazinga ahlukene okukhubazeka, i-T37 ne-T38, kanti unqotshwe ngu-Evan O’Hanlon wase-Australia.
Njengoba athola izindondo zegolide emjahweni ka-100m noka-400m kuma-Olympics ango-2016 e-Rio, kanye naku-200m no-400m kumaPara World Championships ango-2017, waphinda wawola nezinye izindondo, u-Du Toit usenqume ukuwagaxa emgibeni amateku akhe.
“Lona bekuwumjaho wami wokugcina impela. Ngigcwele izinyembezi zenjabulo. Bekuwumjaho okhethekile ngenxa yokuthi umqeqeshi wami, ingoduso yami, umfowethu kanye nomkakhe bebekhona," kusho uDu Toit.
"Angikaqedi ngezokusubatha, zisegazini lami futhi ngisazobamba iqhaza ndawana thize. Kodwa mayelana nokugijima, sengiqedile."
Umshovi webhayisikili uCandice Lill uthathe indondo yethusi emjahweni weCross-Country wabesifazane. Igolide linqotshwe ngu-Evie Richards wase-England kwathi u-Zoe Cuthbert wase-Australia wathatha isiliva.
Khonamanjalo, iqembu lakuleli le-netball liguqise iWales ngo 69-51 ngoLwesithathu kodwa lisalele endaweni yesithathu kuGroup A ngamaphuzu amane, ngemuva kwe-Australia neJamaica.
EzikaDorette Badenhorst zizodlala owokugcina wamaqoqo neScotland ngoLwesine ebusuku sezazi ukuthi noma zinganqoba ngeke zisadlulela kweyomkhumulajezi. Lokhu kudalwa wukuthi i-Australia neJamaica sebenamaphuzu ayisishiyagalombili iqembu ngalinye.
Nokho, amaProteas asazoqhubeka adlale njengoba amaqembu akhale ngaphansi kweyamaqoqo esazolwela izindawo.
Akhona amathuba okwengeza ezinye izindondo eqenjini lakuleli ngoLwesine. UMandiline Hoffmann noYane van der Merwe bazobamba iqhaza kwi-discus, uJovan van Vuuren uzongenela i-long jump yabesilisa. UJonathan Ntutu uzogijima emjahweni ka-100m wabesilisa esigabeni se-T11/T12.