IQEMBU laseMzansi le-wheelchair tennis liyiqale ngonyawo oluhle imidlalo yamaParalympics eTokyo, eJapan, ngoLwesihlanu, ngenkathi lidlulela esigabeni esilandelayo.
UKgothatso Montjane noMariska Venter kwabesifazane, no-Evans Maripa kwabesilisa, bakwazile ukuzibekisela indawo esigabeni esilandelayo benqoba izimbangi zabo.
UMontjane obevele eye kulo mqhudelwano ethwelwe ngeqoma, wehlule u-Angelice Bernal waseColombia ngo 6-1, 6-1, noVenter wenza esifanayo eguqisa uJohana Martinez wakhona eColombia ngo 6-1, 6-1.
Kwathi kwabesilisa, uMaripa wehlula uThomas Flax wase-Austria, ngo 6-2, 6-0.
Empelen iqembu laseMzansi le-wheelchair tennis belimelwe ngabadlali abane, okunguMontjane, Venter, Maripa noLeon Els, kwabesilisa, nokho u-Elsa akangaphumelela.
UMontjane, okleliswe endaweni yesithupha lwabadlali abavelele be-wheelchair tennis emhlabeni, wenze ezibukwayo ngoJulayi kwiWimbledon Championships, eLondon, e-England.
Ufinyelele kowamanqamu eGrand Slam, kanti ukuqala kahle kwakhe kulenyusile ithemba ngokuthi lo mdlali kungenzeka abuye nendondo kule midlalo eqhubekayo yabaphila nokukhubazeka.
Kusalindelwe lukhulu nakweminye imidlalo okubalwa kuyo ezokugijima, ukubhukuda, neminye njengoba sezizoqala ukuhubela sakusha kule midlalo eqale ngo-Agasti 24 nezosongwa ngoSepthemba 5.