SITHEMBISO MKHIZE
IBE impumelelo inkundla yokucobelela ngolwazi lomdlalo wombhoxo abaqeqeshi bezikole zasemalokishini nasemakhaya ebeyenziwe yiKwaZulu-Natal Reunion (KZNR).
USiyabonga Zwane oyisikhulu esibhekelele ezokuthuthukiswa kwalo mdlalo kwiKZNR, utshele Isolezwe ukuthi le nkundla bebeyivule eMargate Sport School ngeledlule.
Beyihanjelwe ngabaqeqeshi abangu-112 abebesuka kuyona yonke iKwaZulu-Natal.
UZwane uthe abaqeqeshi bafundiswe izinto eziningi baphinde bacotshelelwa ngezinto ezintsha esezifakwe emdlalweni wombhoxo.
Lesi sikhulu siveze ukuthi okukhulu kunakho konke ukuthi bebelungiselelwa amaRugby Festival azoqala ngoMashi.
"AmaRugby Festival, yimiqhudelwano eyenziwa yizikole ezithuthukile emdlalweni wombhoxo ezifana noGlenwood, DHS, Greytown HP, Keasney nezinye. Laba baqeqeshi bazothatha izikole zabo ezisemalokishini nasemakhaya bayoqhudelana kule midlalo. Izingane ezizokwenza kahle zizozibeka ethubeni lokuthathwa yizikhondlakhondla zezikole bese zithola nemifundaze.
“Yinqwaba yezingane zakithi esezifunda ezikoleni zomtakabani ngenxa yombhoxo. Siyazikhuthaza izikole ezisezindaweni zabantu abampishilo ukudlalisa izingane umbhoxo, kuyaphileka ngawo," kubeka uZwane.
Ubonge kakhulu kuMnyango wezeMfundo nokowezeMidlalo ngokusebenzisana kahle nabo. Njengayo yonke imidlalo, ukhale kakhulu ngeCovid-19, ephazamise izinhlelo zabo ngonyaka odlule.
UZwane uyethemba ukuthi konke kulo nyaka kuzohamba kahle, wathi kuyajabulisa ukubona sanda isibalo sentsha ensundu izibandakanya nombhoxo.
Limi kanje ikhalenda lemiqhudelwano yezikole:
NgoMashi:
* Development High School Under 13/15.
* Greytown Rugby Festival-NKZN
* Under 13, Louis Botha Rugby Festival-Midlands.
* Skonk Nicholson Rugby Festival.
* Gleenwood Under 13 Festival.
* Durban HS v Durban Development Team.
Ephreli:
*Skonk Nicholas Rugby Festival.
* Durban HS v Durban Development Team.
* Keasney Rugby Easter Festival.
* Geloefte Under 13 Festival.
* Pinetown & District Under 12, 13 Festival.
Meyi:
*KZN Inter District Under 12, 13 Trials-Pietermaritzburg College.
Juni:
*Under 13 Craven Week-Krugersdorp.
*Under 16 Grant Khomo- Kimberly.
* Under 18 Girls Week-Welkom.
Julayi:
* Under 13 Craven Week-Hugenote High.
* Under 18 Academy Week-Rondebosch High.
* Durban HS v Durban Development Schools.
* Midlands TID Trials.
Agasti:
* KZNRU TID Under 12, 14-Margate.
Septhemba:
* Under 15 SARLA Legend Week.
Okthoba:
* Hollywood Quentin Reynolds.
Disemba:
* National Summer Games.