Lisethubeni lokubuyela esigabeni esiphezulu kwiTelkom Netball League iqembu laseKZN, iKingdom Stars, kulandela ukuba ngompetha besigaba sesibili.
IStars inqobe i-Eastern Cape Comets ngo 37-35 kowamanqamu we-TNL Division B obubanjelwe eEllis Park Arena, eGoli ngoLwesibili ebusuku.
Ingakhuphukela esigabeni esiphezulu uma ingase inqobe iLimpopo Baobabs emdlalweni wokuhlunga ozoqala ngo-4 ntambama ngoLwesithathu enkundleni efanayo.
IBaobabs ingene kulo mdlalo wokuhlunga ngokuqeda emsileni esigabeni esiphezulu. Ngesizini edlule la maqembu ahlangana emdlalweni ofanayo, kwanyuka iBaobabs, iStars yagawulwa yizembe.
iStars iqede endaweni yesibili kwi-log kaDivision B ekupheleni kwesigaba samaqoqo kulandela ukunqoba imidlalo engu-14 kwengu-16 eliyidlalile, kanti iComets ibiqhwakele ngenxa yokunqoba imidlalo engu-15.
Kweyandulela owamanqamu iStars idlule kwiWestern Cape Tornados ngo 38-37, iComets yanqoba iMpumalanga Sunbirds ngo 50-48.
Umqeqeshi weStars, uPrecious Mthembu, usenqobe lesi sicoco seDivision 2 njengomdlali nanjengomqeqeshi. Wayesadlala ngesikhathi leli qembu lithatha le ndebe ngo-2019, lagcina linyuselwe esigabeni esiphezulu.
ITornados izithobe amanxeba okukhishwa kowandulela owamanqamu ngokunqoba iSunbirds ngo 44-39 embangweni wendawo yesithathu.
Esigabeni sesibili indebe izobangwa yiqembu laseFree State, iCrinums, elizogadulisana nelaseGauteng, iJaguars, kowamanqamu ozoqala ngo-6 ntambama ngoLwesithathu.
IJaguars, eqede isigaba samaqoqo isesicongweni, inqobe iSouthern Stings yaseWestern Cape ngo 48-46 kowandulela owamanqamu, kwathi iCrinums yadlula kwelinye iqembu laseGauteng, iGolden Fireballs, ngo 43-29.