ABAQEQESHI nabadlali abasakhula abebeyingxenye yoqeqesho olwaziwa ngeLa Liga Camp obelubanjelwe eHoy Park, eThekwini, kuleli sonto bathi bafunde okuningi kulo nokuzoba ngumphako wabo uma sebebuyela kumaLocal Football Association (LFA) abasuka kuwona.
Lolu qeqesho lusungulwe nguMnyango wezeMidlalo nobuCiko KwaZulu-Natal ngokubambisana neLa Liga yaseSpain. Lwenziwe ngenhloso yokuvundulula nokuqeqesha ikhono labadlali abaneminyaka engu-10 kuya kwengu-17 ubudala, ngokugxila ikakhulu ekunikezeni ithuba abadlali basezindaweni ezisemakhaya.
Selwenziwe lolu hlelo esifundazweni iGauteng neWestern Cape, njengoba eKZN luqale kuleli sonto ngoMsombuluko lwasongwa ngoLwesihlanu.
Beluthanyelwe ngabadlali abangu-150 abebephelezelwa ngabaqeqeshi abaqhamuka ezifundeni ezinhlanu okuyiTheku, iLembe, uMzinyathi, uThukela noMkhanyakude.
Ingxenye yesibili izoba ngoJulayi yethanyelwe ngabadlali bakwezinye izifunda ezingabanga yingxenye yokuqala ebiseHoy Park.
UMahlomula Khanye ongumqeqeshi kwiNquthu Local Football Association engaphansi kwesifunda iSafa uMzinyathi, ungomunye wabaqeqeshi abebeyingxenye yalolu qeqesho.
“Thina baqeqeshi esiyingxenye yalolu qeqesho sifunde okuningi. Futhi sikholwa wukuthi ithuba elinjengaleli lizosihlomisa ngolwazi ngendlela okuyiyo yokuqeqesha abadlali abasakhula.
Ngaphandle nje kwalokho, iningi labadlali bethu basezindaweni zasemakhaya ezinjengeNquthu, kuyivelakancane kakhulu kubona ukuthola amathuba anjengalewa okuthi baqeqeshwe ngabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu, ababuya kwiLa Liga okuyiligi yebhola ehlonishwayo emhlabeni,” kusho uKhanye.
Eqhuba uthe: “Sikholwa wukuthi uma sesibuyela kumaLFA ethu sizohamba sesiphethe ulwazi olumqoka esizokwazi ukulusebenzisa ekuthuthukiseni abadlali bethu abasakhula.
“Ukuqeqeshwa ngendlela efanele kwabadlali abasakhula yikhona okuyisisekelo ekuthuthukeni kwebhola ezweni lethu, yize ziseningi izinselelo esisabhekene nazo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.”
UMelokuhle “Melloh” Mhlungu (15), waseWembezi, eMtshezi ungomunye wabadlali abebeyingxenye yeLa Liga Camp.
“Engikufunde lapha kwehlukile kulokhu engikwejwayele, futhi ngikholwa wukuthi iphupho lami lokudlala kuMajita (Under 20) nakwiBafana Bafana, lizogcina lifezekile uma ngingasebenzisa lolu lwazi engiluthole kule khemphu,” kusho uMhlungu odlala kwiJomo FC edlala kwiMtshezi LFA, nowenza uGrade 9, eWembezi High.
USnothile Ntuli (15), waseDokodweni, eGingindlovu, naye ungomunye wabadlali besifazane abasakhula abebeyingxeye yeLa Liga Camp.
“Engikufunde kule khempu ngikholwa wukuthi kuzongikhulisa kakhulu njengomdlali, njengoba iphupho lami elikhulu kuwukuzibona ngidlala eqenjini lesizwe iBanyana Banyana, ngilandele ezinyathelweni zeqhawe lami uRefiloe Jane,” kusho uNtuli owenza uGrade 9, eSinyabusi High, eMatigulu.