UMDLALI wasemuva kuThongathi FC, uMfanafuthi Mkhize, uthi bengabadlali bazibophezele ekwenzeni konke okusemandleni ukushintsha izinto eqenjini eseliphenduke ukudla kwenduku muva nje, emidlalweni yeMotsepe Foundation Championship.
UThongathi, okuyilo kuphela iqembu elimele iKwaZulu-Natal, kwiMotsepe Championship, selishaywe imidlalo emithathu ilandelana. Kanti emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu leNedbank Cup, ishaywe yi-University of Pretoria ngo 3-1.
Ngaphambi kwalokho ibibuya esibhaxwini sika 2-1 seCasric Stars, ebesandulelwa ngesika 2-0 ebisithole kwiCape Town Spurs.
Imiphumela yakamuva ingase ilibeke engcupheni ikusasa lomqeqeshi weqembu, uPapi “Ginger” Zothwane, okungakapheli sikhathi esingakanani ekhuze ibuya eqenjini esuka kwiPolokwane City, abeqale nayo isizini.
Izobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama ezowudlala neCapeTown Spurs, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Ukushaywa kwethu imidlalo emithathu ilandelana kusiphatha kabi njengabadlali. Into esiphatha kabi wukuthi sihlulwa sidlale kahle. Ngicabanga ukuthi njengamanje inhlanhla yiyo esasiphika, nokuyinto eyenzeka nasemaqenjini amakhulu emhlabeni imbala, anjengo-AC Milan.
“Kodwa-ke, asifuni ukuba nezaba. Yingakho sizibophezele singabadlali ngokuthi sishintshe izinto. Kumele silwele ukuthatha iqembu silibeke endaweni engcono kakhulu kwi-log, sibephakathi kwamaqembu amathathu aphezulu, nokuyinto esengayenza kule midlalo (engu-13) esasele.
“Yize kungeke kube yinto elula njengoba ungasekho nowodwa umdlalo olula kulo mzuliswano wesibili wesizini kodwa sizolwa. Sizokwenza konke okusemandleni, sibambisane siyise iqembu phambili,” kuchaza uMkhize.
Ukuvuza emuva yikho okwaholela ekutheni iqembu liboleke unozinti, uJoel Amonome waMaZulu FC, nokho ulimale esavimbe imidlalo emihlanu.