BANINGI abadlali asebenokhakhayi oluqinile abebengagxekwa ngodaka olushaywe yiKaizer Chiefs, ngesikhathi inenebulwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 kwiCarling Kncockout kodwa hhayi, uSamkelo Zwane.
Lawa amazwi omqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, awatshele abezindaba esithangamini ngempelasonto emuva komdlalo weSundowns eFNB Stadium.
Ngokwamathuba ezicoco, iChiefs isisalelwe yiNedbank Cup, neBetway Premiership kuphela kule sizini ngemva kokukhishwa kwayo kwiCarling.
Kuningi okungazange kuhambe kahle kwiChiefs kulo mdlalo kodwa okucacile ukuthi kunedlanzana labalandeli eliphume iqhubu noZwane ngephutha alenze ngesikhathi kungena elinye lamagoli eSundowns.
Leli qeqebana labalandeli laqala ngokumuhhewula uZwane kusaqhubeka umdlalo kwabuye kwaqhubeka nasezinkundleni zokuxhumana umdlalo usuphelile.
Ngemuva komdlalo uNabi ukwamukele ukuthi iqembu lakhe lishaywe yiSundowns kufanele kodwa wakugxeka ukuthi kuphunywe iqhubu nomdlali oyikusasa leqembu.
“Ngiyavuma ukuthi bonke abadlali beChiefs bebengenza kangcono emdlalweni weSundowns okuhlanganisa nalaba abasebancane kodwa ukugqamisa uZwane njengowonile, kuliphutha,” kusho uNabi.
“Kunzima kubadlali abancane ngoba konke lokhu kusha kubona ekubeni iqembu abalidlalelayo lingelinye lamakhulu e-Afrika.
“Ngiyazwelana nabadlali beChiefs abancane ngoba amaphutha abo aqapheleka kalula ngenxa yobukhulu beqembu abalidlalelayo. Nakuba kunjalo kodwa angikwamukeli ukuthi kuphunywe noZwane iqhubu.
“UZwane uyikusasa leChiefs. Kuseneminyaka eminingi ezayo lapho uZwane ezobe ithwelwe khona iChiefs, ngakho-ke ukumgxeka ngalo mphumela akunabo ubulungiswa.
“Baningi abadlali asebenokhakhayi oluqinile abenze amaphutha kulo mdlalo engicabanga ukuthi bangagxekelwa wona kodwa hhayi umfana omncane (uZwane),” kusho uNabi.
IChiefs iyoze ibuyele enkundleni ngomdlalo weBetway Premiership neRichards Bay FC ngoNovemba 27, e-FNB Stadium, eSoweto.