KUJWAYELEKILE ukuthi amabhange agcine ngokudla izimoto zamakhasimende ngenxa yokwehluleka wukukhokha.
Lokhu kuthiwa kuyigxathu lokugcina alithathayo ngoba aqale azame ukuxhumana nekhasimende ngenhloso yokulikhumbuza ukuthi likhokhe.
Ngokomthetho, ibhange kumele lisebenzise yonke imigudu yokufuna isikweletu ngaphambi kokuthi imoto idliwe.
Okwenzekayo kuhlanganisa ukuthi uthunyelelwe incwadi yabammeli ekuyalela ukuthi ukhokhe, uma kudlula isikhathi ungakhokhi, ibhange lidlulela enkantolo lapho umthengi ebizwa khona ukuthi ezokwenza izethulo ngosuku lwecala, uma ibhange selithole i-warrant of execution imoto ibe isidiwa.
Ngaphambi kokuthi kuze kufikwe kuleso sigaba, ongoti baluleka abashayeli ngokuthi kuningi abangakwenza uma sebexakwe yisikweletu imoto ingaze idliwe.
Bathi kubalulekile ukuthi oxakekile ashayele ibhange ngokushesha ukuze babonisane ngezindlela zokuthi isikweletu usikhokha kanjani.
Bathi uma ukhetha ukuyibuyisela emuva imoto lokho kusiza ngokuthi ugweme izindleko zabammeli. Imoto ibe isidayiswa esidlangalaleni kuthi imali eyenziwayo ikhokhele isikweletu. Uma kukhona eshodayo kuzomele uyikhokhe.
Nakhu okunye abeluleka ngakho:
Dayisa noma uthathe imoto ebiza ngaphansi kunaleyo ohamba ngayo
• Uma uhluleka wukumelana nemali oyikhokha ngenyanga, yishintshe uthathe engaphansi kwayo ukuze ungaklinywa yisikweletu. Lokhu kuzokusiza ekutheni ugweme ukuthi imoto idliwe kodwa uqede isikweletu onaso futhi igama lakho lingangcoli.
Sibuyekeze isikweletu sakho
• Ukubuyekeza isikweletu yinto ongayibheka kodwa kuya ngesimo sakho. Ungaya ebhange nibonisane ngokuthi selulwe isikhathi okumele ukhokhe ngaso isikweletu nokungenza ukuthi imali oyikhokha ngenyanga ibe ngaphansi kunaleyo oyikhokhayo.